DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Juni 2015)

ULwesibili, Juni 30, 2015

Ngizakukubonga phakathi kwabantu, Jehova,
ngikudumise phakathi kwezizwe.

UMsombuluko, Juni 29, 2015

Ungazondi umfowenu enhliziyweni yakho; ungamkhuza nokumkhuza umakhelwane wakho, kepha ungabi nasono ngaye.
Ungaphindisi, ungabi namagqubu nabantwana babantu bakho, kepha wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena; nginguJehova.

ISonto, Juni 28, 2015

Umelwe ukukhula yena, nginciphe mina.

UMgqibelo, Juni 27, 2015

Wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wanika abafundi ukuba babele isixuku. Badla, basutha bonke, kwabuthwa imvuthuluka eyasala kubo, iziqabetho eziyishumi nambili.

ULwesihlanu, Juni 26, 2015

Mawube kini lowo mqondo owawukhona nakuKristu Jesu.

ULwesine, Juni 25, 2015

Amazwi omlomo wami nokuzindla kwenhliziyo yami
makuthandeke ebusweni bakho, Jehova,
dwala lami nomhlengi wami.

ULwesithathu, Juni 24, 2015

Ukubekezela kwenu akwaziwe ngabantu bonke; iNkosi iseduze.

ULwesibili, Juni 23, 2015

Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukufuna nokusindisa okulahlekileyo.

UMsombuluko, Juni 22, 2015

Inhliziyo eyenamileyo iyikhambi elihle,
kepha umoya owaphukileyo uyomisa amathambo.

ISonto, Juni 21, 2015

Nginamandla ukwenza konke ngaye ongiqinisayo.

UMgqibelo, Juni 20, 2015

Ukuthula ngikushiya kinina, ukuthula kwami nginipha khona. Akunjengokupha kwezwe ukunipha kwami. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, ingesabi.

ULwesihlanu, Juni 19, 2015

Labo bayakhala, uJehova uyezwa;
uyabakhulula kuzo zonke izinhlupheko zabo.
UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo;
uyabasindisa abanomoya odabukileyo.

ULwesine, Juni 18, 2015

Kepha noma nihlupheka ngenxa yokulunga, nibusisiwe. Ningesabi ukwesabisa kwabo, ningakhathazeki.

ULwesithathu, Juni 17, 2015

Manje-ke kumi ukukholwa, nokwethemba, nothando, lokho kokuthathu; kepha okukhulu kulokho luthando.

ULwesibili, Juni 16, 2015

Umuntu uyathokoza ngokuphendula komlomo wakhe,
nezwi ngesikhathi salo lihle kangakanani!

UMsombuluko, Juni 15, 2015

Wayesethi kubo: “Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo.”

ISonto, Juni 14, 2015

Makungabikho muntu odelela ubusha bakho, kepha yiba yisibonelo kwabakholwayo ngezwi, nangenkambo, nangothando, nangokukholwa, nangokuhlanzeka.

UMgqibelo, Juni 13, 2015

Nkulunkulu, dala kimi inhliziyo ehlanzekileyo,
uvuse umoya oqinileyo phakathi kwami.

ULwesihlanu, Juni 12, 2015

Kepha uma umfowenu ekona, hamba umsole ninodwa naye. Uma ekuzwa, woba umzuzile umfowenu.

ULwesine, Juni 11, 2015

Kepha uJesu ebabheka wathi kubo: “Kubantu akunakwenzeka; kepha kuNkulunkulu kungenzeka konke.”

ULwesithathu, Juni 10, 2015

Indlela kaNkulunkulu iphelele;
izwi likaJehova lihlanzekile;
yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye.

ULwesibili, Juni 9, 2015

Ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu; balungisisiwe ngesihle ngomusa wakhe ngokuhlengwa okukuKristu Jesu.

UMsombuluko, Juni 8, 2015

Ningakhathazeki ngengomuso, ngokuba ingomuso iyakukhathalela okwayo. Inkathazo yosuku yanele lona.

ISonto, Juni 7, 2015

Yilowo ohamba ngobuqotho nowenza ukulunga,
okhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe,
ongahlebi ngolimi lwakhe,
ongamoni umngane wakhe,
nongamhlazi umakhelwane wakhe.

UMgqibelo, Juni 6, 2015

Sondelani kuNkulunkulu, khona uyakusondela kinina. Hlanzani izandla nina zoni, nihlambulule izinhliziyo nina bonhliziyombili.

ULwesihlanu, Juni 5, 2015

Ngokuba sihamba ngokukholwa, asihambi ngokubona.

ULwesine, Juni 4, 2015

Umuntu omuhle nguye onomusa, otshelekayo,
esekela izindaba zakhe ngokulunga.

ULwesithathu, Juni 3, 2015

Kunjalo noKristu, esenikelwe kanye ukuba athwale izono zabaningi, uyakubonakala ngokwesibili ngaphandle kwesono kulabo abamlindeleyo, kube ngukusindiswa.

ULwesibili, Juni 2, 2015

Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke,
futhi imbi;
ngubani ongayazi na?
“Mina Jehova ngivivinya inhliziyo,
ngihlola izinso ukuba nginike,
kube yilowo nalowo
njengezindlela zakhe,
njengezithelo zezenzo zakhe.”

UMsombuluko, Juni 1, 2015

Ngokuba akayikugudluka kuze kube phakade;
olungileyo uyakukhunjulwa kuze kube phakade.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ngikhala kuwe Jehova
ngisotweni phansi.
Nkosi, yizwa izwi lami;
izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Ngakho, vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko oqinileyo wolungileyo unamandla kakhulu.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela