ISonto, Meyi 31, 2015
Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa, inilondoloze komubi.UMgqibelo, Meyi 30, 2015
UJesu Kristu nguyena izolo nanamuhla, yebo, naphakade.ULwesihlanu, Meyi 29, 2015
Lapho kungekho khona ukululekana,amasu ayachitheka,
kepha ngobuningi babeluleki ayakuma.
ULwesine, Meyi 28, 2015
Ngokuba uNkulunkulu akasiphanga umoya wobugwala, kepha owamandla, nowothando, nowokuzikhuza.ULwesithathu, Meyi 27, 2015
Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu owabuye wasizala kabusha ngokwesihawu sakhe esikhulu ukuba sibe nethemba eliphilileyo ngokuvuka kukaJesu Kristu kwabafileyo.ULwesibili, Meyi 26, 2015
UJehova ungukukhanya kwami nensindiso yami;ngizakwesaba bani na?
UJehova uyinqaba yokuphila kwami;
ngizakuba novalo ngobani na?
UMsombuluko, Meyi 25, 2015
Ngakho-ke uma nina eningababi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uYihlo osezulwini uzakubapha abacela kuye uMoya oNgcwele.ISonto, Meyi 24, 2015
Kwathi sekufikile usuku lwePhentekoste, bonke babebuthene ndawonye. Ngokungazelelwe kwavela ezulwini inhlokomo kwangathi eyokuvunguza komoya onamandla; yona yagcwalisa indlu yonke ababehlezi kuyo.UMgqibelo, Meyi 23, 2015
Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zaminokukhanya endleleni yami.
ULwesihlanu, Meyi 22, 2015
Nginilobele lokho, ukuze nazi ukuthi ninokuphila okuphakade nina enikholwa egameni leNdodana kaNkulunkulu.ULwesine, Meyi 21, 2015
Thina esingabheki okubonwayo kodwa okungabonwayo; ngokuba okubonwayo kungokwesikhashana, kepha okungabonwayo kungokwaphakade.ULwesithathu, Meyi 20, 2015
Njengoyise ehawukela abantwana bakhe,kanjalo uJehova uyabahawukela abamesabayo.
ULwesibili, Meyi 19, 2015
“Ngokuba imicabango yamiayisiyo imicabango yenu,
nezindlela zenu
azisizo izindlela zami,” usho uJehova.
UMsombuluko, Meyi 18, 2015
Ngiyakholwa ukuthi nakufa, nakuphila, nazingelosi, nababusi, nakho okukhona, nakho okuzayo, namandla, nakuphakama, nakujula, nanto enye edaliweyo akuyikuba namandla okusahlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu iNkosi yethu.ISonto, Meyi 17, 2015
Phezu kwakho konke okugcinayo,gcina inhliziyo yakho,
ngokuba kuyilapho kuvela khona ukuphila.
UMgqibelo, Meyi 16, 2015
UJehova muhle, ulungile;ngalokho ufundisa izoni indlela.
Abathobekileyo ubaholela kokulungileyo,
abathobekileyo ubafundisa indlela yakhe.
ULwesihlanu, Meyi 15, 2015
Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni; ngokuba esevivinyekile uyakwamukeliswa umqhele wokuphila othenjisiwe yiNkosi kwabayithandayo.ULwesine, Meyi 14, 2015
Wabahola, baze bafika ngaseBethaniya, waphakamisa izandla zakhe, wababusisa. Kwathi esababusisa, wahlukana nabo, wenyuselwa ezulwini.ULwesithathu, Meyi 13, 2015
Ngokuba wena uzenzile izinso zami,wangaluka esiswini sikamame.
Ngiyakukubonga,
ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo;
imisebenzi yakho iyamangalisa;
umphefumulo wami uyakwazi kahle.
ULwesibili, Meyi 12, 2015
Kepha isithelo sokulunga sihlwanyelwa ngokuthula kubo abakwenzayo ukuthula.UMsombuluko, Meyi 11, 2015
Ngalokho-ke vuselelanani, nakhane njengokuba futhi nikwenza.ISonto, Meyi 10, 2015
Yilolu usuku alwenzileyo uJehova;siyakwethaba, sithokoze ngalo.
UMgqibelo, Meyi 9, 2015
Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, noma kukhona okuhle, noma kukhona okubongekayo, zindlani ngalokho.ULwesihlanu, Meyi 8, 2015
Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.ULwesine, Meyi 7, 2015
Nikela indlela yakho esandleni sikaJehova, umethembe;yena uzakukwenza.
Uzakuhlalukisa ukulunga kwakho njengokukhanya,
nokufanele wena njengemini.
ULwesithathu, Meyi 6, 2015
Bukani izinyoni zezulu ukuthi azihlwanyeli, azivuni, azibekeleli ezinqolobaneni; nokho uYihlo wasezulwini uyazondla. Nina kanizidluli kakhulu na?ULwesibili, Meyi 5, 2015
Qondani, nilinde. Isitha senu, uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo sifuna esingamgwinya.UMsombuluko, Meyi 4, 2015
Ngokuba wena, Nkosi, umuhle, ungothethelelayo,unomusa omkhulu kubo bonke abakhala kuwe.
ISonto, Meyi 3, 2015
Ukutshelile, muntu, okuhle;uJehova ufunani kuwe,
kungabi ngukwenza ukulunga kuphela nokuthanda umusa,
uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka, na?
UMgqibelo, Meyi 2, 2015
Hambani ngokuhlakanipha kubo abangaphandle, nithengisise isikhathi. Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyolisiwe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.ULwesihlanu, Meyi 1, 2015
Ngiyamthanda uJehova,ngokuba uyezwa izwi lokukhuleka kwami.
Ngokuba ubekile indlebe kimi
ngiyakukhuleka kuye zonke izinsuku zami.
Izihloko ezihlobene
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ngiyethemba
“Ngokuba ngiyazi mina imicabango...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Umndeni
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Khulekela
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
Umkhuleko
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Amavesi eBhayibheli osuku
Kepha ukwahlulela makugobhoze njengamanzi,nokulunga njengomfula onganqamukiyo.