ULwesihlanu, Julayi 31, 2015
Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?ULwesine, Julayi 30, 2015
Usizo lwethu lusegameni likaJehovaowenzile izulu nomhlaba.
ULwesithathu, Julayi 29, 2015
Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo.ULwesibili, Julayi 28, 2015
Nalokho kuvela kuJehova Sebawotioyisimangaliso ekululekeni
nomkhulu emaswini.
UMsombuluko, Julayi 27, 2015
UJehova ungakimi, angiyikwesaba;umuntu angangenzani na?
ISonto, Julayi 26, 2015
Sibhekile kuJesu, umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu, owathi esikhundleni sentokozo ayibekelweyo wathwala isiphambano engalinaki ihlazo, wahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.UMgqibelo, Julayi 25, 2015
Noma yini eniyakukucela egameni lami ngiyakukwenza ukuba uBaba akhazimuliswe eNdodaneni.ULwesihlanu, Julayi 24, 2015
Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla;olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.
ULwesine, Julayi 23, 2015
Kepha uNkulunkulu ecebile ngesihawu, ngenxa yothando lwakhe olukhulu asithanda ngalo, sesifile ngeziphambeko, wenza siphile kanye noKristu – kungomusa nisindisiwe.ULwesithathu, Julayi 22, 2015
Ngokuba nina bazalwane nabizelwa ekukhululekeni. Kuphela ningakwenzi ukukhululeka kube yithuba enyameni, kepha khonzanani ngothando.ULwesibili, Julayi 21, 2015
Lindela uJehova, uqine,inhliziyo yakho ime isibindi;
yebo, lindela uJehova.
UMsombuluko, Julayi 20, 2015
Okholwa yimi, njengokusho kombhalo, esiswini sakhe kuyakugobhoza imifula yamanzi aphilayo.ISonto, Julayi 19, 2015
Uma nina niselapho nimfuna uJehova uNkulunkulu wenu, niyakumfumana, uma nimfuna ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu.UMgqibelo, Julayi 18, 2015
Thobisela inhliziyo yami ebufakazini bakho,kungabi sekuhaheni.
ULwesihlanu, Julayi 17, 2015
Ngokuba yileyo ndlu yakhiwa ngothile; kepha owakha konke nguNkulunkulu.ULwesine, Julayi 16, 2015
Anifikelwanga ukulingwa okungenjengokwabantu; kepha uNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu, kepha oyakuthi kanye nokulingwa anenzele indlela yokuphepha, nize nibe namandla okukuthwala.ULwesithathu, Julayi 15, 2015
Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha;iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokulaywa.
ULwesibili, Julayi 14, 2015
Ngokuba uma uthando lukhona, kwamukeleka njengalokho umuntu anakho, kungenjengalokho angenakho.UMsombuluko, Julayi 13, 2015
Bafazi, thobelani amadoda enu njengokufanele eNkosini.Madoda, thandani omkenu, ningabacasukeli.
ISonto, Julayi 12, 2015
Wena unginikile isihlangu sensindiso yakho,isandla sakho sokunene singisekele,
nobumnene bakho bungikhulisile.
Amabanga okunyathela kwami uwandisile;
amaqakala ami awaxegi.
UMgqibelo, Julayi 11, 2015
Wathi kubo: “Yilowo nalowo oyakwamukela lo mntwana ngegama lami uyangamukela mina, ongamukela mina uyamamukela ongithumileyo; ngokuba omncinyane kini nonke nguye omkhulu.”ULwesihlanu, Julayi 10, 2015
Ngakho ngenamile ebuthakathakeni, nasekuphathweni kabi, nasekusweleni, nasekuzingelweni, nasekubandezekeni ngenxa kaKristu, ngokuba uma ngibuthakathaka, yikhona nginamandla.ULwesine, Julayi 9, 2015
Impendulo ethambileyo iyabuyisa ukufutheka,kepha izwi elilukhuni livusa ulaka.
ULwesithathu, Julayi 8, 2015
Nikani bonke okubafaneleyo: intela kofanele intela, inkokhiso kofanele inkokhiso, ukwesaba kofanele ukwesatshwa, udumo kofanele udumo.ULwesibili, Julayi 7, 2015
Madoda, thandani omkenu, njengalokho noKristu ulithandile ibandla, wazinikela ngenxa yalo ukuba alingcwelise, alihlambulule ngesigezo samanzi ngezwi.UMsombuluko, Julayi 6, 2015
Ngokuba wena uyidwala lami nenqaba yami;ngenxa yegama lakho uyakungihola,
ungiqondise.
ISonto, Julayi 5, 2015
Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu; akuveli ngemisebenzi, ukuze kungabikho ozibongayo.UMgqibelo, Julayi 4, 2015
Yilowo nalowo kithi makathokozise umakhelwane, kube kuhle, aze akheke.ULwesihlanu, Julayi 3, 2015
Ngizakucambalala ngokuthula,ngilale ubuthongo,
ngokuba wena Jehova wedwa ungihlalisa ngokulondeka.
ULwesine, Julayi 2, 2015
Kepha mngcweliseni uKristu abe yiNkosi ezinhliziyweni zenu, nihlale ningabalungele ukubaphendula bonke abanibuza isizathu sethemba elikini.ULwesithathu, Julayi 1, 2015
Ngakho ngiyanincenga, bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandeka kuNkulunkulu, kube ngukukhonza kwenu kokuqonda.Izihloko ezihlobene
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ngiyethemba
“Ngokuba ngiyazi mina imicabango...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Umndeni
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Khulekela
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
Umkhuleko
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...