DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Novemba 2017)

ULwesine, Novemba 30, 2017

Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha;
emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda.

ULwesithathu, Novemba 29, 2017

Madoda, thandani omkenu, njengalokho noKristu ulithandile ibandla, wazinikela ngenxa yalo ukuba alingcwelise, alihlambulule ngesigezo samanzi ngezwi.

ULwesibili, Novemba 28, 2017

Ngalokho yilowo nalowo owezwa lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala.

UMsombuluko, Novemba 27, 2017

Yizwa, ndodana yami,
wamukele izwi lami;
kuyakuthi iminyaka yokuphila kwakho ibe miningi.

ISonto, Novemba 26, 2017

Ngokuba akukho lutho olungenzeke kuNkulunkulu.

UMgqibelo, Novemba 25, 2017

Ngizinika ukuphila okuphakade, azisoze zabhubha naphakade; akakho ongazihlwitha esandleni sami. UBaba onginikileyo mkhulu kunabo bonke; akakho ongazihlwitha esandleni sikaBaba. Mina noBaba simunye.

ULwesihlanu, Novemba 24, 2017

Ungakhandlekeli ukuceba;
kuyeke ngokuqonda kwakho.

ULwesine, Novemba 23, 2017

Qaphelani ukuba kungabikho ophindisela omunye okubi ngokubi; kepha jongani njalo ukwenza okuhle, omunye komunye nakubo bonke.

ULwesithathu, Novemba 22, 2017

Ngokuba njengalokho izinhlupheko zikaKristu zivamile kithi, kanjalo nokududuzeka kwethu kuvamile ngoKristu.

ULwesibili, Novemba 21, 2017

KuNkulunkulu ngiyakudumisa izwi lakhe;
ngithemba uNkulunkulu, angiyikwesaba;
inyama ingangenzani na?

UMsombuluko, Novemba 20, 2017

Ngokuthobeka konke nobumnene, ngokubheka kade nokubekezelelana ngothando.

ISonto, Novemba 19, 2017

Ningabi njengawoyihlo abaprofethi bokuqala abamemeza kubo, bathi: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Ake nibuye ezindleleni zenu ezimbi nasezenzweni zenu ezimbi;’ kepha kabalalelanga, kabangiqaphelanga, usho uJehova.

UMgqibelo, Novemba 18, 2017

Umngane uthanda ngezikhathi zonke,
nomzalwane uzalwa ekuhluphekeni.

ULwesihlanu, Novemba 17, 2017

Ngakho-ke makwazeke kini madoda, bazalwane, ukuthi ngalowo kumenyezelwa kini ukuthethelelwa kwezono, nakukho konke ebeningenakulungisiswa kukho ngomthetho kaMose yilowo nalowo okholwayo uyakulungisiswa ngaye.

ULwesine, Novemba 16, 2017

Khona kwasondela uPetru, wathi kuye: “Nkosi, umfowethu uyakungona kangaki, ngimthethelela, na? Kuze kube kasikhombisa na?”
UJesu wathi kuye: “Angisho kuwe ukuthi kuze kube kasikhombisa kodwa kuze kube kamashumi ayisikhombisa aphindwe kasikhombisa.”

ULwesithathu, Novemba 15, 2017

Ngokuba wena uyidwala lami nenqaba yami;
ngenxa yegama lakho uyakungihola,
ungiqondise.

ULwesibili, Novemba 14, 2017

UJehova uyaphofisa, abesecebisa;
uyathobisa, abesephakamisa.

UMsombuluko, Novemba 13, 2017

Kunakho konke yibani nokuthandana okunganqamukiyo, ngokuba uthando lusibekela inqwaba yezono.

ISonto, Novemba 12, 2017

UNkulunkulu ohlalisa imihlalaqha ezindlini,
akhiphele iziboshwa ekubuseni;
ngabahlubukileyo bodwa abakhe ezweni elomileyo.

UMgqibelo, Novemba 11, 2017

Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, noma kukhona okuhle, noma kukhona okubongekayo, zindlani ngalokho.

ULwesihlanu, Novemba 10, 2017

Kepha uma umfowenu ekona, hamba umsole ninodwa naye. Uma ekuzwa, woba umzuzile umfowenu.

ULwesine, Novemba 9, 2017

Yizwani nibone ukuthi uJehova muhle;
ubusisiwe lowo muntu ophephela kuye.

ULwesithathu, Novemba 8, 2017

Ngalokho umkhulu, Nkosi Jehova, ngokuba akakho onjengawe, akukho uNkulunkulu ngaphandle kwakho njengakho konke esikuzwileyo ngezindlebe zethu.

ULwesibili, Novemba 7, 2017

Kepha yena onemfuyo yezwe, ebona umzalwane wakhe eswele, amvalele isihawu sakhe, uthando lukaNkulunkulu lungahlala kanjani kuye na?

UMsombuluko, Novemba 6, 2017

UJehova useduze nabo bonke abambizayo,
bonke abambizayo ngeqiniso.

ISonto, Novemba 5, 2017

Kepha uma omubi ebuya kuzo zonke izono zakhe azenzileyo, agcine zonke izimiso zami, enze ukwahlulela nokulunga, uyakuphila nokuphila; kayikufa.

UMgqibelo, Novemba 4, 2017

INkosi ininike ukwanda nokuchichima othandweni, omumye komunye nakubo bonke, njengokuba sinjalo kinina.

ULwesihlanu, Novemba 3, 2017

Ihlawulo lokuphila komuntu liyingcebo yakhe,
kepha ompofu akezwa ukukhuzwa.

ULwesine, Novemba 2, 2017

Yilowo nalowo kithi makathokozise umakhelwane, kube kuhle, aze akheke.

ULwesithathu, Novemba 1, 2017

Ngokukuyala namuhla ukuba umthande uJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ngezindlela zakhe, ugcine imiyalo yakhe, nezimiso zakhe, nezahlulelo zakhe, ukuze uphile, wande, uJehova uNkulunkulu wakho akubusise ezweni ongena kulo ukulidla.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ngikhala kuwe Jehova
ngisotweni phansi.
Nkosi, yizwa izwi lami;
izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami
nokukhanya endleleni yami.
Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela