DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Disemba 2017)

ISonto, Disemba 31, 2017

Usho kanje uJehova, uthi:
“Yimani ezindleleni, nibone,
nibuze imikhondo yasendulo
ukuthi iphi indlela enhle,
nihambe ngayo,
niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu;
kepha bathi: ‘Asiyikuhamba ngayo.’ ”

UMgqibelo, Disemba 30, 2017

Ngalokho thana kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Akusayikulitshaziswa zwi, kepha izwi engiyakulikhuluma liyakwenzeka, isho iNkosi uJehova.’

ULwesihlanu, Disemba 29, 2017

Njengasemanzini ubuso bubhekana nobuso,
injalo inhliziyo yomuntu kumuntu.

ULwesine, Disemba 28, 2017

E, Nkosi Jehova, bheka, wena wenzile izulu nomhlaba ngamandla akho amakhulu nangengalo yakho eyeluliweyo; akukho lutho olukwahlulayo.

ULwesithathu, Disemba 27, 2017

Niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe, ngokuba uyanikhathalela.

ULwesibili, Disemba 26, 2017

Egcina izindlela zokulunga,
elondoloza imikhondo yabathembekileyo bakhe.

UMsombuluko, Disemba 25, 2017

Lokhu konke kwenzeka ukuba kugcwaliseke okwakhulunywa yiNkosi ngomprofethi ukuthi: “Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama lokuthi u-Emanuweli,” okungukuthi ngokuhunyushwa “uNkulunkulu unathi”.

ISonto, Disemba 24, 2017

Esazindla ngalokho, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala kuye ngephupho, ithi: “Josefa, ndodana kaDavide, ungesabi ukumthatha uMariya umkakho, ngokuba lokho akukhulelweyo kungoMoya oNgcwele.”

UMgqibelo, Disemba 23, 2017

Ngalokho iNkosi uqobo iyakukunika isibonakaliso: bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, ibize igama layo ngokuthi u-Imanuweli.

ULwesihlanu, Disemba 22, 2017

Ngokuba kulotshiwe ukuthi:
“ ‘Kuphila kwami,’ isho iNkosi,
‘kimina ayakuguqa amadolo onke,
nezilimi zonke ziyakudumisa uNkulunkulu.’ ”

ULwesine, Disemba 21, 2017

Wonke umshikashika unenzuzo,
kepha amazwi omlomo abanga ukuswela kuphela.

ULwesithathu, Disemba 20, 2017

Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga; yazisa uyihlo nonyoko; wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.

ULwesibili, Disemba 19, 2017

Nokho ngomusa wakho omkhulu awubaqothulanga, awubashiyanga, ngokuba unguNkulunkulu onomusa nobumnene.

UMsombuluko, Disemba 18, 2017

Ngokuba izwi likaJehova lilungile;
zonke izenzo zakhe ziyakholeka.

ISonto, Disemba 17, 2017

Woyithanda iNkosi, uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho, nangawo onke amandla akho.

UMgqibelo, Disemba 16, 2017

Kepha thina sonke esibuka ngobuso obambuliwe inkazimulo yeNkosi njengasesibukweni siyaguqulwa, sibe njengalowo mfanekiso ngokuya enkazimulweni, njengalokhu kumi ngeNkosi enguMoya.

ULwesihlanu, Disemba 15, 2017

Inhliziyo yomuntu iceba indlela,
kepha uJehova uyaqondisa izinyathelo zakhe.

ULwesine, Disemba 14, 2017

Nikhuthalele ukugcina ubunye bukaMoya ngesibopho sokuthula.

ULwesithathu, Disemba 13, 2017

Ngafunwa ngabangangicelanga,
ngafunyanwa ngabangangifunanga,
ngathi: ‘Ngibhekeni, ngibhekeni,’
kuso isizwe esingabizwanga ngegama lami.

ULwesibili, Disemba 12, 2017

Ngizakucambalala ngokuthula,
ngilale ubuthongo,
ngokuba wena Jehova wedwa ungihlalisa ngokulondeka.

UMsombuluko, Disemba 11, 2017

Yena uyinhlawulo ngezono zethu, kungengezethu zodwa kodwa nangezezwe lonke.

ISonto, Disemba 10, 2017

“Ngenisani konke okweshumi endlini yengcebo ukuba kube ngukudla endlini yami, ningivivinye ngalokhu,” usho uJehova Sebawoti, “uma ngingayikunivulela amafasitele asezulwini, nginithululele isibusiso kunokwaneleyo.”

UMgqibelo, Disemba 9, 2017

Ngikufundisa ngendlela yokuhlakanipha;
ngikuhola emikhondweni yobuqotho.

ULwesihlanu, Disemba 8, 2017

Kepha ngithi kini: Amazwi onke ayize abawakhulumayo abantu bayakuzilanda ngawo ngosuku lokwahlulelwa.

ULwesine, Disemba 7, 2017

Kunjalo noKristu, esenikelwe kanye ukuba athwale izono zabaningi, uyakubonakala ngokwesibili ngaphandle kwesono kulabo abamlindeleyo, kube ngukusindiswa.

ULwesithathu, Disemba 6, 2017

Nkulunkulu, dala kimi inhliziyo ehlanzekileyo,
uvuse umoya oqinileyo phakathi kwami.

ULwesibili, Disemba 5, 2017

Ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele, nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube sekupheleni kwezwe.

UMsombuluko, Disemba 4, 2017

Uma beningazi mina, beniyakumazi noBaba; kusukela manje niyamazi, nimbonile.

ISonto, Disemba 3, 2017

Uyabekela abaqotho isibusiso,
uyihawu kwabahamba bengenacala.

UMgqibelo, Disemba 2, 2017

Thwalisanani imithwalo yenu, nigcwalise kanjalo umthetho kaKristu.

ULwesihlanu, Disemba 1, 2017

Nani boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuba samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Akukho ukwesaba othandweni, kepha uthando olupheleleyo luyaxosha ukwesaba, ngokuba ukwesaba kunesijeziso, nowesabayo akaphelele othandweni.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela