DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Disemba 2020)

ULwesine, Disemba 31, 2020

Kanjalo uma umuntu ekuKristu, uyisidalwa esisha; okwakuqala kudlulile; bheka, sekuvele okusha.

ULwesithathu, Disemba 30, 2020

Khona uJesu wathi kubaJuda abase bekholiwe nguye: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili; niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.”

ULwesibili, Disemba 29, 2020

Gingqela kuJehova imisebenzi yakho,
ukuze kuqiniswe amasu akho.

UMsombuluko, Disemba 28, 2020

Uma sithi sinenhlanganyelo naye sibe sisahamba ebumnyameni, sinamanga, asenzi iqiniso.

ISonto, Disemba 27, 2020

Ngokuba nayo iNdodana yomuntu ayizelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.

UMgqibelo, Disemba 26, 2020

Ngizakukubonga phakathi kwabantu, Jehova,
ngikudumise phakathi kwezizwe.

ULwesihlanu, Disemba 25, 2020

Ukuthi nizalelwe namuhla uMsindisi onguKristu iNkosi emzini kaDavide.

ULwesine, Disemba 24, 2020

Uzakuzala indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu, ngokuba nguye oyakusindisa abantu bakhe ezonweni zabo.

ULwesithathu, Disemba 23, 2020

Okholwa yiNdodana unokuphila okuphakade; kepha ongakholwa yiNdodana kayikubona ukuphila, kodwa intukuthelo kaNkulunkulu ihlezi phezu kwakhe.

ULwesibili, Disemba 22, 2020

Enhliziyweni yami ngiyalonda izwi lakho,
ukuze ngingoni kuwe.

UMsombuluko, Disemba 21, 2020

Ngalokhu phendukani, niguquke ukuba kuhlangulwe izono zenu.

ISonto, Disemba 20, 2020

Ngubani ohlakaniphileyo nowaziyo phakathi kwenu na? Makakhombise ngenkambo enhle imisebenzi yakhe ngobumnene bokuhlakanipha.

UMgqibelo, Disemba 19, 2020

UJehova uzakunika abantu bakhe amandla;
uJehova uzakubusisa abantu bakhe ngokuthula.

ULwesihlanu, Disemba 18, 2020

Kanjalo-ke nokukholwa, uma kungenayo imisebenzi, kufile ngokwakho.

ULwesine, Disemba 17, 2020

Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo oyakuthi kule ntaba: ‘Nqukuleka, uphonseke elwandle,’ engangabazi enhliziyweni yakhe kepha ekholwa ukuthi lokho akushoyo kuyenzeka, uzakuba nakho.

ULwesithathu, Disemba 16, 2020

Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela;
nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami
nesabelo sami kuze kube phakade.

ULwesibili, Disemba 15, 2020

Ngafunwa ngabangangicelanga,
ngafunyanwa ngabangangifunanga,
ngathi: ‘Ngibhekeni, ngibhekeni,’
kuso isizwe esingabizwanga ngegama lami.

UMsombuluko, Disemba 14, 2020

Yiphani, khona niyakuphiwa; bayakunipha esifubeni senu isilinganiso esihle, esigxushiweyo, esigqishiweyo, esichichimayo; ngokuba ngesilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.

ISonto, Disemba 13, 2020

Konke kunesikhathi sakho,
yonke indaba inomzuzu wayo phansi kwezulu.

UMgqibelo, Disemba 12, 2020

Njengalokho uBaba ophilayo ungithumile, nami ngiphila ngoBaba, lowo ongidlayo naye uyakuphila ngami.

ULwesihlanu, Disemba 11, 2020

Mina ngiyisinkwa esiphilayo esehla ezulwini. Uma umuntu edla lesi sinkwa, uyakuphila phakade; futhi-ke isinkwa engizakusinikela ngenxa yokuphila kwezwe siyinyama yami.

ULwesine, Disemba 10, 2020

Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova,
ngakhala kuNkulunkulu wami;
walizwa izwi lami esethempelini lakhe;
ukukhala kwami phambi kwakhe kwangena ezindlebeni zakhe.

ULwesithathu, Disemba 9, 2020

Ngokuba bonke abaholwa nguMoya kaNkulunkulu, labo bangabantwana bakaNkulunkulu.

ULwesibili, Disemba 8, 2020

Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifunisisa ngenhliziyo yenu yonke.

UMsombuluko, Disemba 7, 2020

Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni;
usizo lwami luvelaphi na?
Usizo lwami luvela kuJehova
owenzile izulu nomhlaba.

ISonto, Disemba 6, 2020

Owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, asihlambulule isizwe esingesakhe, sishisekele imisebenzi emihle.

UMgqibelo, Disemba 5, 2020

ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.

ULwesihlanu, Disemba 4, 2020

Othanda imali akayikusutha ngemali,
nothanda okuningi akaneliswa yizithelo;
nalokho kuyize.

ULwesine, Disemba 3, 2020

Makungabikho ozikhohlisayo; uma umuntu phakathi kwenu ethi uhlakaniphile kulesi sikhathi, akabe yisiwula, ukuze ahlakaniphe.

ULwesithathu, Disemba 2, 2020

Ngakho yibani ngabalingisa uNkulunkulu njengabantwana abathandekayo.

ULwesibili, Disemba 1, 2020

Ngizwise umusa wakho ekuseni,
ngokuba ngiyethemba kuwe;
ngazise indlela engifanele ukuhamba ngayo,
ngokuba ngiphakamisela kuwe umphefumulo wami.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ngikhala kuwe Jehova
ngisotweni phansi.
Nkosi, yizwa izwi lami;
izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Ukuhloba kwenu makungabi ngokungaphandle, okokwaluka izinwele, nokokufaka igolide, noma okokugqoka izingubo, kepha makube ngumuntu osithekileyo wenhliziyo ohloba ngokungabhubhiyo komoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela