ISonto, Januwari 31, 2021
Kuyafiswa nokufiswa usuku lonke,kepha olungileyo uyaphana engancishi.
UMgqibelo, Januwari 30, 2021
Kepha mina ngiyazi ukuthi uMhlengi wami ukhona;ekupheleni uyakuma othulini.
ULwesihlanu, Januwari 29, 2021
Yena uyitshe eladelelwa yinina bakhi, eselaba yinhloko yegumbi.ULwesine, Januwari 28, 2021
Themba kuJehova,wenze okulungileyo;
hlala ezweni, uzondle ngokukholeka.
ULwesithathu, Januwari 27, 2021
Njengokuba uKristu wahlupheka enyameni, hlomani nani ukuqonda okunjalo, ngokuba ohluphekile enyameni uyekile ukona.ULwesibili, Januwari 26, 2021
Bathandekayo, uma inhliziyo ingasilahli, sinesibindi kuNkulunkulu, nesikucelayo siyakukwamukeliswa nguye, ngokuba sigcina imiyalo yakhe, senza okuthandekayo ebusweni bakhe.UMsombuluko, Januwari 25, 2021
Kukhona indlela ebonakala sengathi ilungile kumuntu,kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa.
ISonto, Januwari 24, 2021
Nezinto eziphansi zezwe nezinto ezidelelwayo uNkulunkulu wazikhetha, nezinto ezingekho, ukuba achithe ezikhona, ukuze kungabikho nyama ezibongayo phambi kukaNkulunkulu.UMgqibelo, Januwari 23, 2021
Nanti izwi esalizwa kuye, sinishumayeza lona lokuthi uNkulunkulu ungukukhanya, ubumnyama abukho kuye nakanye.ULwesihlanu, Januwari 22, 2021
Ngiyazelulela izandla zami kuwe;umphefumulo wami womela wena
njengomhlaba owomileyo. Sela
ULwesine, Januwari 21, 2021
Ngakho-ke njengokuba sinethuba, asenze okuhle kubo bonke, kepha ikakhulu kwabendlu yokukholwa.ULwesithathu, Januwari 20, 2021
Ngubani onqoba izwe, uma kungesiye okholwa ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu na?ULwesibili, Januwari 19, 2021
Yini ukuba udangale,mphefumulo wami,
uyaluze phakathi kwami, na?
Methembe uNkulunkulu,
ngokuba ngisezakumdumisa yena
oyinsindiso yobuso bami noNkulunkulu wami.
UMsombuluko, Januwari 18, 2021
Nguye omupha oyethileyo amandla,nakongenamandla uyandisa izikhwepha.
ISonto, Januwari 17, 2021
Umusa weNkosi uJesu Kristu mawube nomoya wenu.UMgqibelo, Januwari 16, 2021
Amazwi amahle anjengamakhekheba oju;amnandi emphefumulweni, ayimpiliso emathanjeni.
ULwesihlanu, Januwari 15, 2021
Funani okuhle, hhayi okubi,ukuze niphile,
abe nani uJehova uNkulunkulu Sebawoti kanjalo,
njengalokhu nisho.
ULwesine, Januwari 14, 2021
Uma siphila ngoMoya, masihambe futhi ngoMoya.ULwesithathu, Januwari 13, 2021
Njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga,udedisile kangaka kithi iziphambeko zethu.
ULwesibili, Januwari 12, 2021
Ukutshelile, muntu, okuhle;uJehova ufunani kuwe,
kungabi ngukwenza ukulunga kuphela nokuthanda umusa,
uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka, na?
UMsombuluko, Januwari 11, 2021
UPetru wayesethi: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono zenu; khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.”ISonto, Januwari 10, 2021
Onakekela izwi uyakufumana okuhle,nowethembayo kuJehova ubusisiwe.
UMgqibelo, Januwari 9, 2021
Ngokuba izwi lesiphambano kwababhubhayo lingubuwula, kepha kithina esisindiswayo lingamandla kaNkulunkulu.ULwesihlanu, Januwari 8, 2021
Ngokukuyala namuhla ukuba umthande uJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ngezindlela zakhe, ugcine imiyalo yakhe, nezimiso zakhe, nezahlulelo zakhe, ukuze uphile, wande, uJehova uNkulunkulu wakho akubusise ezweni ongena kulo ukulidla.ULwesine, Januwari 7, 2021
Yeka ubukhulu bomusa wakhoobagodlele wona abakwesabayo,
owenzele bona ababalekela kuwe,
phambi kwabantwana babantu.
ULwesithathu, Januwari 6, 2021
Ngokuba isiphetho somthetho nguKristu, kube ngukulunga kubo bonke abakholwayo.ULwesibili, Januwari 5, 2021
Asibo bonke abashoyo kimi ukuthi: ‘Nkosi, Nkosi,’ abayakungena embusweni wezulu, kuphela owenza intando kaBaba osezulwini.UMsombuluko, Januwari 4, 2021
Ngubani onguNkulunkulu onjengaweothethelela insali yefa lakho ububi bayo,
uyiyekele isiphambeko sayo, na?
Akabambeleli entukuthelweni yakhe kuze kube phakade,
ngokuba wenamela umusa.
ISonto, Januwari 3, 2021
Ngokuba ngithi izinhlupheko zesikhathi samanje azinakulinganiswa nenkazimulo eyakwambulwa kithina.UMgqibelo, Januwari 2, 2021
Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKristu, senihluphekile isikhashana, yena uqobo uyakuniphelelisa, aniqinise, aninike amandla, anisekele.ULwesihlanu, Januwari 1, 2021
Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho,ungenciki kokwakho ukuqonda.
Mazise yena ezindleleni zakho zonke,
uyakuqondisa imikhondo yakho.
Izihloko ezihlobene
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ngiyethemba
“Ngokuba ngiyazi mina imicabango...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Umndeni
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Khulekela
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
Umkhuleko
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Amavesi eBhayibheli osuku
Kepha ukwahlulela makugobhoze njengamanzi,nokulunga njengomfula onganqamukiyo.