DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Septhemba 2020)

ULwesithathu, Septhemba 30, 2020

Kodwa mina nginitshela iqiniso lokuthi kunilungele ukuba ngimuke; ngokuba uma ngingamuki, uMduduzi kayikuza kini; kepha uma ngimuka, ngiyakumthumela kini.

ULwesibili, Septhemba 29, 2020

Insizwa iyakuyihlanza kanjani indlela yayo na?
Ngokuqaphela okwezwi lakho.

UMsombuluko, Septhemba 28, 2020

Khuthalela ukuba uziveze uthembekile kuNkulunkulu, isisebenzi esingenamahloni, esiqondisa kahle izwi leqiniso.

ISonto, Septhemba 27, 2020

UJehova makakubusise, akulondoloze;
uJehova makakhanyise ubuso bakhe phezu kwakho,
abe nomusa kuwe;
uJehova makaphakamise ubuso bakhe phezu kwakho,
akuphe ukuthula.

UMgqibelo, Septhemba 26, 2020

Yazi ukuthi kunjalo ukuhlakanipha emphefumulweni wakho;
uma ukutholile, kuyakuba khona isikhathi esizayo,
nethemba lakho aliyikunqunywa.

ULwesihlanu, Septhemba 25, 2020

Siyazi ukuthi kwabamthandayo uNkulunkulu konke kusebenzelana kube ngokuhle, kulabo ababiziweyo ngecebo lakhe.

ULwesine, Septhemba 24, 2020

Owasikhulula emandleni obumnyama nowasibeka embusweni weNdodana yothando lwakhe; okukuyo sinokuhlengwa, ukuthethelelwa kwezono.

ULwesithathu, Septhemba 23, 2020

Umusa wakho, Jehova,
mawube phezu kwethu,
njengalokhu sithemba wena.

ULwesibili, Septhemba 22, 2020

Akukho ukwesaba othandweni, kepha uthando olupheleleyo luyaxosha ukwesaba, ngokuba ukwesaba kunesijeziso, nowesabayo akaphelele othandweni.

UMsombuluko, Septhemba 21, 2020

Kepha wathi: “Okungenzeki kubantu kungenzeka kuNkulunkulu.”

ISonto, Septhemba 20, 2020

UJehova uyisabelo sami,
usho umphefumulo wami;
ngakho ngiyakwethemba kuye.

UMgqibelo, Septhemba 19, 2020

NginguJehova uNkulunkulu wenu: hambani ngezimiso zami, nigcine izahlulelo zami, nizenze, ningcwelise amasabatha ami, abe yisibonakaliso phakathi kwami nani, ukuze nazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu.

ULwesihlanu, Septhemba 18, 2020

Ukulaya konke okwamanje kungathi akusikho okwentokozo, kepha kungokosizi, kodwa ngasemuva kuyabathelela isithelo esihle sokulunga labo abahlakahliswe yikho.

ULwesine, Septhemba 17, 2020

Ngokuziqhenya kuvela ukuxabana kuphela,
kepha kwabalulekwayo kukhona ukuhlakanipha.

ULwesithathu, Septhemba 16, 2020

Uma izwe linizonda, niyazi ukuthi langizonda mina ngaphambi kwenu.

ULwesibili, Septhemba 15, 2020

Lindani nigxile ekukholweni, nibe ngamadoda, nibe namandla.

UMsombuluko, Septhemba 14, 2020

Nasi isihlupheki esakhala,
uJehova wezwa,
wasikhulula kuzo zonke izinhlupheko zaso.

ISonto, Septhemba 13, 2020

Ngakho uma nenza okuhle kwabenza okuhle kini, ninakubongwa kuni na? Ngokuba nezoni zenza khona lokho.

UMgqibelo, Septhemba 12, 2020

Enimthanda ningambonanga, enithi ningamboni manje nikholwa nguye, nithokoza ngentokozo engakhulumekiyo netusekayo, namukela isigcino sokukholwa kwenu esiyinsindiso yemiphefumulo.

ULwesihlanu, Septhemba 11, 2020

Khanyisa ubuso bakho phezu kwenceku yakho;
ngisindise ngomusa wakho.

ULwesine, Septhemba 10, 2020

Niklebhule inhliziyo yenu,
hhayi izingubo zenu,
niphendukele kuJehova uNkulunkulu wenu,
ngokuba yena unomusa,
unobumnene,
wephuza ukuthukuthela,
unesihe esikhulu,
uhawukela nomubi.

ULwesithathu, Septhemba 9, 2020

Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, lokhu engumqambimanga noyise wawo.

ULwesibili, Septhemba 8, 2020

Susa kuwe ukuphambana komlomo,
nezindebe eziyisigwegwe uzidedisele kude nawe.

UMsombuluko, Septhemba 7, 2020

Kepha thina singabombuso wasezulwini, lapho futhi silindela khona ukuba kuvele uMsindisi, iNkosi uJesu Kristu.

ISonto, Septhemba 6, 2020

Babusisiwe abalambele,
bomele ukulunga,
ngokuba bayakusuthiswa.

UMgqibelo, Septhemba 5, 2020

Umphefumulo wami uzithulele kuNkulunkulu kuphela;
insindiso yami ivela kuye.

ULwesihlanu, Septhemba 4, 2020

Wathi: “Isikhathi sigcwalisekile, umbuso kaNkulunkulu ususondele; phendukani, nikholwe yivangeli.”

ULwesine, Septhemba 3, 2020

Noma ngikhuluma ngezilimi zabantu nezezingelosi, kepha ngingenalo uthando, ngiyithusi elikhencezayo nensimbi encencethayo.

ULwesithathu, Septhemba 2, 2020

Babusisiwe abagcina ubufakazi bakhe,
abamfuna ngenhliziyo yonke.

ULwesibili, Septhemba 1, 2020

Thokozani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: Thokozani!

Amavesi eBhayibheli osuku

Thandanani ngenhliziyo ngothando lobuzalwane; ekwazisaneni nandulelane.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni;
usizo lwami luvelaphi na?
Usizo lwami luvela kuJehova
owenzile izulu nomhlaba.
Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela