DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Agasti 2020)

UMsombuluko, Agasti 31, 2020

Wathi uJehova kuSathane: “Bheka, konke anakho kusesandleni sakho; kuphela kuyena uqobo ungabeki isandla sakho.” Wayesephuma uSathane ebusweni bukaJehova.

ISonto, Agasti 30, 2020

Ubuhle buyinkohliso,
nokubukeka kuyize,
kepha owesifazane owesaba uJehova uyakudunyiswa.

UMgqibelo, Agasti 29, 2020

Ungasingenisi ekulingweni,
kodwa usikhulule kokubi;
ngokuba umbuso ungowakho,
namandla, nenkazimulo,
kuze kube phakade. Amen.

ULwesihlanu, Agasti 28, 2020

Ekukhuthaleni ningenqeni, nivuthe emoyeni, nikhonze iNkosi.

ULwesine, Agasti 27, 2020

Babusisiwe abaqotho endleleni,
abahamba ngemithetho kaJehova.

ULwesithathu, Agasti 26, 2020

Kodwa nxa nikhuleka, ningathemelezi njengabezizwe, ngokuba bathi bayakuzwiwa ngokukhuluma kwabo okuningi.

ULwesibili, Agasti 25, 2020

Bongani uJehova, ngokuba muhle,
ngokuba umusa wakhe umi phakade.

UMsombuluko, Agasti 24, 2020

Uyabekela abaqotho isibusiso,
uyihawu kwabahamba bengenacala.

ISonto, Agasti 23, 2020

Kepha phezu kwakho konke, bazalwane bami, ningafungi; ningafungi izulu noma umhlaba noma esinye isifungo; kodwa uyebo wenu makabe nguyebo, noqhabo uqhabo, ukuze ningaweli ekwahlulelweni.

UMgqibelo, Agasti 22, 2020

Akuthengwa yini imizwilili emibili ngendibilishi na? Kepha akuyikuwa phansi namunye kuyo ngaphandle kukaYihlo. Kodwa kini zibaliwe nezinwele zonke zekhanda lenu. Ngakho maningesabi; nina niyayidlula imizwilili eminingi.

ULwesihlanu, Agasti 21, 2020

Kepha wena Jehova uyisihlangu kimi,
uludumo lwami nophakamisa ikhanda lami.

ULwesine, Agasti 20, 2020

Ngijonge emgomeni, emklomelweni wokubizwa okukhulu kwaphezulu nguNkulunkulu kuJesu Kristu.

ULwesithathu, Agasti 19, 2020

Niyakuhamba emva kukaJehova uNkulunkulu wenu, nimesabe, niyigcine imiyalo yakhe, nililalele izwi lakhe, nimkhonze, ninamathele kuye.

ULwesibili, Agasti 18, 2020

Kepha ngiwuthembile umusa wakho;
inhliziyo yami izakwethaba ngensindiso yakho;
ngizakuhlabelela kuJehova,
ngokuba ungenzele okuhle.

UMsombuluko, Agasti 17, 2020

Kuze kube kalokhu anicelanga lutho egameni lami. Celani, niyakwamukeliswa ukuba intokozo yenu igcwale.

ISonto, Agasti 16, 2020

Kepha uNkulunkulu wokuthula uzakumchoboza masinyane uSathane phansi kwezinyawo zenu. Umusa weNkosi yethu uKristu mawube nani.

UMgqibelo, Agasti 15, 2020

Ndodana yami,
uma inhliziyo yakho ihlakanipha,
inhliziyo yami iyakuthokoza,
yebo, eyami.

ULwesihlanu, Agasti 14, 2020

Makungaphumi emlonyeni wenu nalinye izwi elibolileyo, kodwa kube ngelilungele ukwakha njengokuswelekileyo, ukuze libavezele umusa abezwayo.

ULwesine, Agasti 13, 2020

UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.”

ULwesithathu, Agasti 12, 2020

Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho, uzakukuphasa;
akayikuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe.

ULwesibili, Agasti 11, 2020

Wayesethi kubo: “Bhekani, nixwaye ukuhaha konke, ngokuba ukuphila komuntu akumi ngobuningi bempahla yakhe.”

UMsombuluko, Agasti 10, 2020

Ngakho uJesu waphinda wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngingukukhanya kwezwe; ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa woba nokukhanya kokuphila.”

ISonto, Agasti 9, 2020

Zuza ukuhlakanipha, zuza ukuqonda;
ungakhohlwa, ungachezuki emazwini omlomo wami.

UMgqibelo, Agasti 8, 2020

Ningaphindisi okubi ngokubi nokuthuka ngokuthuka, kepha kakhulu manibusise, ngokuba nabizelwa lokho ukuba nidle ifa lokubusiswa.

ULwesihlanu, Agasti 7, 2020

Noma umkhiwane ungakhahleli,
kungabikho izithelo emvinini,
umsebenzi womnqumo uphuthe,
amasimu angavezi ukudla,
izimvu zinqunywe esibayeni,
kungabikho nkomo ezibayeni,
nokho mina ngiyakuthokoza ngoJehova,
ngijabulele uNkulunkulu wokusindiswa kwami.

ULwesine, Agasti 6, 2020

Ngamfuna uJehova, wangiphendula;
wangikhulula kulo lonke uvalo lwami.

ULwesithathu, Agasti 5, 2020

Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo kuphela, nizikhohlisa.

ULwesibili, Agasti 4, 2020

Ngalokho siyazi ukuthi sihlala kuye, naye kithi, ngokuba usiphile okukaMoya wakhe.

UMsombuluko, Agasti 3, 2020

Ngizakukufundisa, ngikubonise indlela ozakuhamba ngayo;
ngizakukululeka ngeso lami.

ISonto, Agasti 2, 2020

Izwe liyadlula kanye nenkanuko yalo; kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.

UMgqibelo, Agasti 1, 2020

Akusikho lokhu kuzila engikukhethileyo yini:
ukuthukulula izibopho zobubi
nokuxegisa imichilo yejoka;
ukukhulula abacindezelwayo
nokwaphula onke amajoka na?

Amavesi eBhayibheli osuku

Ngikhala kuwe Jehova
ngisotweni phansi.
Nkosi, yizwa izwi lami;
izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Olandela ukulunga nomusa
uyafumana ukuphila, nokulunga, nodumo.
Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela