DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Julayi 2020)

ULwesihlanu, Julayi 31, 2020

Kungcono ababili kunoyedwa,
ngokuba banomvuzo omkhulu ngomshikashika wabo.

ULwesine, Julayi 30, 2020

Ngokuba ukulangazela kokudaliweyo kulindele ukwambulwa kwabantwana bakaNkulunkulu.

ULwesithathu, Julayi 29, 2020

UJesu ebabheka wathi: “Kubantu akunakwenzeka, kepha kuNkulunkulu akunjalo; ngokuba kuNkulunkulu kungenzeka konke.”

ULwesibili, Julayi 28, 2020

Sifundise, Nkosi, ukubala izinsuku zethu,
sizuze inhliziyo enokuhlakanipha.

UMsombuluko, Julayi 27, 2020

Yilowo nalowo anikele njengalokho azikhethele khona enhliziyweni, kungabi ngokudabuka nangokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikelayo ethokoza.

ISonto, Julayi 26, 2020

Uma umuntu echitha ithempeli likaNkulunkulu, uNkulunkulu uyakumchitha yena, ngokuba ithempeli likaNkulunkulu lingcwele; niyilo-ke nina.

UMgqibelo, Julayi 25, 2020

Imfuyo etholakala kalula iyancipha,
kepha obutha kancane kancane uyandiselwa.

ULwesihlanu, Julayi 24, 2020

Ngokuba njengalokhu sinezitho eziningi emzimbeni munye, kepha izitho zonke azinamsebenzi munye, kanjalo thina esibaningi simzimba munye kuKristu, kepha ngabanye siyizitho, omunye esomunye.

ULwesine, Julayi 23, 2020

Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo, kungathi kwenzelwa iNkosi, qha abantu, nazi ukuthi niyakwamukela umvuzo wefa eNkosini. Khonzani iNkosi uKristu.

ULwesithathu, Julayi 22, 2020

Noma impi imisa ngakimi,
inhliziyo yami ayesabi;
noma ngivukelwa ngukulwa,
nokho nginethemba.

ULwesibili, Julayi 21, 2020

Ningahluleli, khona anisoze nahlulelwa; ningalahli, khona anisoze nalahlwa; thethelelani, khona niyakuthethelelwa.

UMsombuluko, Julayi 20, 2020

Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni, ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele, apheleliselwe yonke imisebenzi emihle.

ISonto, Julayi 19, 2020

Khipha usizi enhliziyweni yakho,
udlulise okubi emzimbeni wakho,
ngokuba ubusha nobunsizwa buyize.

UMgqibelo, Julayi 18, 2020

Uthando malungabi nakuzenzisa; nenyanye okubi, nibambelele kokuhle.

ULwesihlanu, Julayi 17, 2020

UJesu wathi kuye: “Mina ngingukuvuka nokuphila; okholwa yimi, noma efa, wophila. Nalowo ophila, akholwe yimi, kasoze afa naphakade. Uyakholwa yilokho na?”

ULwesine, Julayi 16, 2020

Yena owakhile ekusithekeni koPhezukonke
nohlezi emthunzini kaSomandla
uthi kuJehova: “Uyisiphephelo sami nenqaba yami
noNkulunkulu wami engimethembayo.”

ULwesithathu, Julayi 15, 2020

Babusisiwe abanenhliziyo ehlanzekileyo,
ngokuba bayakubona uNkulunkulu.

ULwesibili, Julayi 14, 2020

Ngokuba ngaMoya munye thina sonke sabhapathizwa sibe mzimba munye, noma singabaJuda noma singamaGreki, noma siyizigqila noma singabakhululekileyo; thina sonke saphuziswa Moya munye.

UMsombuluko, Julayi 13, 2020

Wena Jehova ungangigodleli ububele bakho;
umusa wakho neqiniso lakho makungilonde njalo.

ISonto, Julayi 12, 2020

Ukukhanya kukhanya ebumnyameni, kepha ubumnyama abukwamukelanga.

UMgqibelo, Julayi 11, 2020

Ngokuba lokhu ukufa kweza ngomuntu, ukuvuka kwabafileyo nakho kweza ngomuntu.

ULwesihlanu, Julayi 10, 2020

Ingcebo ayisizi ngosuku lolaka,
kepha ukulunga kophula ekufeni.

ULwesine, Julayi 9, 2020

Ngokuba njengalokho ngokungalaleli kwamuntu munye abaningi benziwa izoni, kanjalo ngokulalela kwamuntu munye abaningi bayakwenziwa abalungileyo.

ULwesithathu, Julayi 8, 2020

Kepha kinina enilesabayo igama lami kuyakuphuma ilanga lokulunga, linokuphilisa emaphikweni alo; niyakuphuma, nitshekule njengamathole esibaya.

ULwesibili, Julayi 7, 2020

Ngiyakumbonga uJehova ngezikhathi zonke;
ukudunyiswa kwakhe kuyakuba semlonyeni wami njalonjalo.

UMsombuluko, Julayi 6, 2020

Kepha manje, senikhululiwe esonweni naba ngabakhonza uNkulunkulu, ninazo izithelo zenu kube ngukungcweliswa nasekugcineni ukuphila okuphakade.

ISonto, Julayi 5, 2020

Kepha mina ngiyakumbheka uJehova;
ngiyakulindela uNkulunkulu wokusindiswa kwami;
uNkulunkulu wami uyakungizwa.

UMgqibelo, Julayi 4, 2020

Kuludumo kumuntu ukuhlala kude nokuxabana,
kepha zonke iziwula ziyaphikisana.

ULwesihlanu, Julayi 3, 2020

Fundani ukwenza okuhle,
nifune ukwahlulela,
niqondise abacindezeli,
nahlulele izintandane,
nimele umfelokazi.

ULwesine, Julayi 2, 2020

Nezilimi zonke zivume ngokuthi UJESU KRISTU UYINKOSI, kube yinkazimulo kuNkulunkulu uYise.

ULwesithathu, Julayi 1, 2020

UJehova ulungile ezindleleni zakhe zonke,
unomusa emisebenzini yakhe yonke.

Amavesi eBhayibheli osuku

Kepha phezu kwakho konke lokho yembathani uthando oluyisibopho sokuphelela.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami; uBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye.”Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela