DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Juni 2020)

ULwesibili, Juni 30, 2020

Yebo, ukumesaba uNkulunkulu kanye nokwaneliswa kuyinzuzo enkulu.

UMsombuluko, Juni 29, 2020

Ngithi kini: Kanjalo kuyakuba khona ukuthokoza ezulwini ngesoni sisinye esiphendukayo, kunabalungileyo abangamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye abangasweli ukuphenduka.

ISonto, Juni 28, 2020

Ngithokoza ngendlela yobufakazi bakho njengemfuyo.

UMgqibelo, Juni 27, 2020

Ngokuba izikhathi zokungazi wazithalalisa uNkulunkulu, kodwa kalokhu usememezela kubantu ukuba bonke ezindaweni zonke baphenduke.

ULwesihlanu, Juni 26, 2020

Ngakho hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu ukuba nibe namandla okuzabalaza ngosuku olubi, nalapho senifeze konke, nime.

ULwesine, Juni 25, 2020

Funani uJehova namandla akhe,
nifunisise ubuso bakhe njalo.

ULwesithathu, Juni 24, 2020

Yilobu ubufakazi ukuthi uNkulunkulu usiphile ukuphila okuphakade, nalokhu kuphila kuseNdodaneni yakhe.

ULwesibili, Juni 23, 2020

Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kepha isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.

UMsombuluko, Juni 22, 2020

Yenama ngosuku lwenhlanhla,
kepha ngosuku olubi qonda ukuthi
nalolu uNkulunkulu ulwenzile njengalolo,
ukuze umuntu angafumani lutho
oluyakuba khona emva kwakhe.

ISonto, Juni 21, 2020

KuNkulunkulu noBaba wethu makube ludumo kuze kube phakade naphakade. Amen.

UMgqibelo, Juni 20, 2020

Lokhu kuyizwi likaJehova kaZerubabele lokuthi: ‘Kungabi ngempi, kungabi ngamandla, kepha kube ngomoya wami kuphela,’ usho uJehova Sebawoti.

ULwesihlanu, Juni 19, 2020

Ithemba labalungileyo liyakuba yintokozo,
kepha abakwethembayo ababi kuyakubhubha.

ULwesine, Juni 18, 2020

Akuthengwa yini imizwilili eyisihlanu ngezindibilishi ezimbili na? Akukhohlakele namunye kuyo emehlweni kaNkulunkulu. Kodwa nezinwele zekhanda lenu zibaliwe zonke. Maningesabi; nidlula imizwilili eminingi.

ULwesithathu, Juni 17, 2020

Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukufumana.

ULwesibili, Juni 16, 2020

Ngezwi likaJehova izulu lenziwa,
namabandla onke ngomoya womlomo wakhe.

UMsombuluko, Juni 15, 2020

Maningaboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo, ngokuba kunakuhlanganyela kuni ukulunga nokungalungi na? Kunabudlelwane buni ukukhanya nobumnyama na?

ISonto, Juni 14, 2020

Ekhaya likaBaba kukhona izindlu eziningi; uma bekungenjalo, bengiyakunitshela ukuthi ngiya ukunilungisela indawo.

UMgqibelo, Juni 13, 2020

Ungaphambuki ngakwesokunene nangakwesokhohlo;
chezukisa unyawo lwakho ebubini.

ULwesihlanu, Juni 12, 2020

Kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu yena uqobo esekukhanyeni, khona sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke.

ULwesine, Juni 11, 2020

Noze niguge, nginguye,
yebo, noze nibe yizimpunga,
ngiyakunithwala;
ngikwenzile lokhu,
futhi ngiyakunetshatha,
yebo, ngiyakunithwala, nginikhulule.

ULwesithathu, Juni 10, 2020

Thobisela inhliziyo yami ebufakazini bakho,
kungabi sekuhaheni.

ULwesibili, Juni 9, 2020

UJesu wathi kuye: “Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho.”

UMsombuluko, Juni 8, 2020

Njalo-ke ibandla laba nokuthula kulo lonke laseJudiya, naseGalile, naseSamariya, lakheka, lihamba ekwesabeni iNkosi, landa ngenduduzo kaMoya oNgcwele.

ISonto, Juni 7, 2020

Mbonge uJehova, mphefumulo wami;
konke okuphakathi kwami makubonge igama lakhe elingcwele.

UMgqibelo, Juni 6, 2020

Unganqotshwa ngokubi, kodwa nqoba okubi ngokuhle.

ULwesihlanu, Juni 5, 2020

Kepha hambani nifunde ukuba kuthini ukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshelo.’ Ngokuba angizanga ukubiza abalungileyo kepha izoni ukuba ziphenduke.

ULwesine, Juni 4, 2020

Uyaphilisa abenhliziyo echobozekileyo;
izilonda zabo uyazibopha.

ULwesithathu, Juni 3, 2020

Yala abacebileyo kuleli zwe lamanje ngokuthi bangakhukhumali, bangathembeli engcebeni engemiyo, kepha mabathembele kuNkulunkulu osicebisa ngakho konke, sithokoze ngakho.

ULwesibili, Juni 2, 2020

Qiniselani ekukhulekeni, nilinde kukho ninokubonga.

UMsombuluko, Juni 1, 2020

Abantwana babantwana bangumqhele wabadala,
nodumo lwabantwana lungoyise.

Amavesi eBhayibheli osuku

Kepha phezu kwakho konke lokho yembathani uthando oluyisibopho sokuphelela.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

“Ngokuba ngiyazi mina imicabango engiyicabanga ngani,” usho uJehova, “imicabango yokuthula kungengeyobubi ukuba ngininike isikhathi esizayo nethemba.”Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela