ISonto, Meyi 31, 2020
Kwase kubonakala kubo izilimi ezahlukeneyo kungathi ezomlilo; zahlala phezu kwalowo nalowo kubo. Base begcwala bonke uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela.UMgqibelo, Meyi 30, 2020
Ngiyakucela kuBaba aniphe omunye uMduduzi wokuba ahlale kini phakade.ULwesihlanu, Meyi 29, 2020
Ngiyashesha,angilibali ukugcina imiyalo yakho.
ULwesine, Meyi 28, 2020
Ungazondi umfowenu enhliziyweni yakho; ungamkhuza nokumkhuza umakhelwane wakho, kepha ungabi nasono ngaye.Ungaphindisi, ungabi namagqubu nabantwana babantu bakho, kepha wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena; nginguJehova.
ULwesithathu, Meyi 27, 2020
Konke enikwenzayo akwenziwe ngothando.ULwesibili, Meyi 26, 2020
Ubusisiwe umuntu othola ukuhlakaniphanomuntu ozuza ingqondo.
UMsombuluko, Meyi 25, 2020
Funani uJehova namandla akhe,nifunisise ubuso bakhe njalo.
ISonto, Meyi 24, 2020
Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngobuhle engajakadi, khona uyakuphiwa.UMgqibelo, Meyi 23, 2020
Ngihawukele, Nkulunkulu,ngokomusa wakho;
yesula iziphambeko zami ngokobubele bakho obukhulu.
Ngigezisise ebubini bami,
ungihlanze esonweni sami.
ULwesihlanu, Meyi 22, 2020
Uthando lukaNkulunkulu lwabonakaliswa kithi ngalokho ukuthi uNkulunkulu wathumela ezweni iNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba siphile ngayo.ULwesine, Meyi 21, 2020
Njalo-ke iNkosi uJesu isikhulumile kubo yakhushulelwa ezulwini, yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu.ULwesithathu, Meyi 20, 2020
Nesiwula lapho sithule kuthiwa isihlakaniphi;ovala umlomo wakhe ungoqondileyo.
ULwesibili, Meyi 19, 2020
Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula kimi. Ezweni niyakuba lusizi, kepha yimani isibindi, mina ngilinqobile izwe.UMsombuluko, Meyi 18, 2020
Okokugcina, manibe nhliziyonye nonke, nihawukelane, nithandane ngokwabazalwane, nibe nobubele nokuthobeka.ISonto, Meyi 17, 2020
Konke okuphefumulayo makudumise uJehova.Haleluya!
UMgqibelo, Meyi 16, 2020
Konke enikwenzayo, noma kungezwi noma kungomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngaye.ULwesihlanu, Meyi 15, 2020
Ukuhloba kwenu makungabi ngokungaphandle, okokwaluka izinwele, nokokufaka igolide, noma okokugqoka izingubo, kepha makube ngumuntu osithekileyo wenhliziyo ohloba ngokungabhubhiyo komoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu.ULwesine, Meyi 14, 2020
Onke amazwi kaNkulunkulu acwebile;uyisihlangu kwabaphephela kuye.
ULwesithathu, Meyi 13, 2020
Ngakho ngiyanincenga, bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandeka kuNkulunkulu, kube ngukukhonza kwenu kokuqonda.ULwesibili, Meyi 12, 2020
Ngalokho ngithi kini: Konke enikukhulekelayo nenikucelayo, kholwani ukuthi nikwamukele, nizakuba nakho.UMsombuluko, Meyi 11, 2020
Umhlaba ungokaJehova nokugcwala kwawo,izwe nabakhileyo kulo.
ISonto, Meyi 10, 2020
Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga; yazisa uyihlo nonyoko; wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.UMgqibelo, Meyi 9, 2020
Kepha iNkosi mayiqondise izinhliziyo zenu othandweni lukaNkulunkulu nasekubekezeleni kukaKristu.ULwesihlanu, Meyi 8, 2020
Igama elihle likhethekile kunengcebo enkulu,nomusa kunesiliva negolide.
ULwesine, Meyi 7, 2020
Kepha ngithi: Hambani ngoMoya, khona aniyikufeza izinkanuko zenyama.ULwesithathu, Meyi 6, 2020
Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu.ULwesibili, Meyi 5, 2020
Nkulunkulu, wena unguNkulunkulu wami,ngiyakufuna ekuseni;
umphefumulo wami womele wena;
inyama yami ilangazelela wena
ezweni elomileyo eligagadekileyo,
lapho amanzi engekho khona.
UMsombuluko, Meyi 4, 2020
Ongathandiyo akamazi uNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu uluthando.UMgqibelo, Meyi 2, 2020
Khona uyakuqonda ukulunga nokwahlulela,neqiniso,
yebo, nezindlela zonke ezinhle.
ULwesihlanu, Meyi 1, 2020
Kodwa uma sithemba lokho esingakuboniyo, siyakulindela ngokubekezela.Izihloko ezihlobene
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ngiyethemba
“Ngokuba ngiyazi mina imicabango...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Umndeni
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Khulekela
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
Umkhuleko
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Amavesi eBhayibheli osuku
Qinani, inhliziyo yenu ibe nesibindi,nina nonke enithemba uJehova.
Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
UJehova useduze nabo bonke abambizayo,bonke abambizayo ngeqiniso.Ivesi elilandelayo