DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Februwari 2023)

ULwesibili, Februwari 28, 2023

Pho, ubani onganilimaza, uma nishisekela okuhle na?

UMsombuluko, Februwari 27, 2023

Wayesethi kubo: “Bhekani, nixwaye ukuhaha konke, ngokuba ukuphila komuntu akumi ngobuningi bempahla yakhe.”

ISonto, Februwari 26, 2023

Ingcebo ayisizi ngosuku lolaka,
kepha ukulunga kophula ekufeni.

UMgqibelo, Februwari 25, 2023

Ekukhuthaleni ningenqeni, nivuthe emoyeni, nikhonze iNkosi.

ULwesihlanu, Februwari 24, 2023

Kodwa nxa nikhuleka, ningathemelezi njengabezizwe, ngokuba bathi bayakuzwiwa ngokukhuluma kwabo okuningi.

ULwesine, Februwari 23, 2023

UJehova ulungile ezindleleni zakhe zonke,
unomusa emisebenzini yakhe yonke.

ULwesithathu, Februwari 22, 2023

Ngokuba nabizelwa khona lokho, ngokuba uKristu wahlushwa ngenxa yenu, enishiyela isibonelo sokuba nilandele ezinyathelweni zakhe.

ULwesibili, Februwari 21, 2023

Ngijonge emgomeni, emklomelweni wokubizwa okukhulu kwaphezulu nguNkulunkulu kuJesu Kristu.

UMsombuluko, Februwari 20, 2023

Onke amazwi kaNkulunkulu acwebile;
uyisihlangu kwabaphephela kuye.

ISonto, Februwari 19, 2023

Niyakuhamba emva kukaJehova uNkulunkulu wenu, nimesabe, niyigcine imiyalo yakhe, nililalele izwi lakhe, nimkhonze, ninamathele kuye.

UMgqibelo, Februwari 18, 2023

Ngakho uJesu waphinda wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngingukukhanya kwezwe; ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa woba nokukhanya kokuphila.”

ULwesihlanu, Februwari 17, 2023

Ngiyamthanda uJehova,
ngokuba uyezwa izwi lokukhuleka kwami.
Ngokuba ubekile indlebe kimi
ngiyakukhuleka kuye zonke izinsuku zami.

ULwesine, Februwari 16, 2023

Yenama ngosuku lwenhlanhla,
kepha ngosuku olubi qonda ukuthi
nalolu uNkulunkulu ulwenzile njengalolo,
ukuze umuntu angafumani lutho
oluyakuba khona emva kwakhe.

ULwesithathu, Februwari 15, 2023

Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Inceku ayinkulu kunenkosi yayo, nothunyiweyo kamkhulu kunomthumileyo.

ULwesibili, Februwari 14, 2023

“Yebo, izintaba zingamuka, namagquma angasuswa,
kepha umusa wami awuyikumuka kuwe,
nesivumelwano sami sokuthula asiyikususwa,”
usho uJehova okuhawukelayo.

UMsombuluko, Februwari 13, 2023

Okubona uNkulunkulu athanda ukubazisa ukuthi iyini ingcebo yenkazimulo yaleyo mfihlakalo phakathi kwabezizwe, enguKristu phakathi kwenu, ithemba lenkazimulo.

ISonto, Februwari 12, 2023

Ngalokho siyazi ukuthi sihlala kuye, naye kithi, ngokuba usiphile okukaMoya wakhe.

UMgqibelo, Februwari 11, 2023

Fundani ukwenza okuhle,
nifune ukwahlulela,
niqondise abacindezeli,
nahlulele izintandane,
nimele umfelokazi.

ULwesihlanu, Februwari 10, 2023

UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.”

ULwesine, Februwari 9, 2023

Ngokuba izithelo zokukhanya zisebuhleni bonke nasekulungeni naseqinisweni.

ULwesithathu, Februwari 8, 2023

Ngizakukufundisa, ngikubonise indlela ozakuhamba ngayo;
ngizakukululeka ngeso lami.

ULwesibili, Februwari 7, 2023

Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo kuphela, nizikhohlisa.

UMsombuluko, Februwari 6, 2023

Ningahluleli, khona anisoze nahlulelwa; ningalahli, khona anisoze nalahlwa; thethelelani, khona niyakuthethelelwa.

ISonto, Februwari 5, 2023

Noze niguge, nginguye,
yebo, noze nibe yizimpunga,
ngiyakunithwala;
ngikwenzile lokhu,
futhi ngiyakunetshatha,
yebo, ngiyakunithwala, nginikhulule.

UMgqibelo, Februwari 4, 2023

Odlayo angamdeleli ongadliyo, ongadliyo angamahluleli odlayo, ngokuba uNkulunkulu umamukele.

ULwesihlanu, Februwari 3, 2023

Ngokuba ukulangazela kokudaliweyo kulindele ukwambulwa kwabantwana bakaNkulunkulu.

ULwesine, Februwari 2, 2023

Ngokuba umusa wakho umnandi kunokuphila;
izindebe zami ziyakukudumisa.
Ngiyakukubonga ngisaphila;
ngiyakuphakamisa izandla zami egameni lakho.

ULwesithathu, Februwari 1, 2023

Ningaphindisi okubi ngokubi nokuthuka ngokuthuka, kepha kakhulu manibusise, ngokuba nabizelwa lokho ukuba nidle ifa lokubusiswa.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ngakho siyakuthini na? Sihlale esonweni, ukuze kuvame umusa na? Qha nakanye. Thina esafa maqondana nesono singabuye sihambe kanjani kuso na?

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Nkulunkulu, wena unguNkulunkulu wami,
ngiyakufuna ekuseni;
umphefumulo wami womele wena;
inyama yami ilangazelela wena
ezweni elomileyo eligagadekileyo,
lapho amanzi engekho khona.
Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela