DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Mashi 2023)

ULwesihlanu, Mashi 31, 2023

Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami, inqaba yami;
angiyikunyakaziswa kakhulu.

ULwesine, Mashi 30, 2023

Ukulaya konke okwamanje kungathi akusikho okwentokozo, kepha kungokosizi, kodwa ngasemuva kuyabathelela isithelo esihle sokulunga labo abahlakahliswe yikho.

ULwesithathu, Mashi 29, 2023

Enakufunda, nakwamukela, nakuzwa, nakubona kimi, kwenzeni lokho; khona uNkulunkulu wokuthula uyakuba nani.

ULwesibili, Mashi 28, 2023

Akusikho lokhu kuzila engikukhethileyo yini:
ukuthukulula izibopho zobubi
nokuxegisa imichilo yejoka;
ukukhulula abacindezelwayo
nokwaphula onke amajoka na?

UMsombuluko, Mashi 27, 2023

Khuthalela ukuba uziveze uthembekile kuNkulunkulu, isisebenzi esingenamahloni, esiqondisa kahle izwi leqiniso.

ISonto, Mashi 26, 2023

Kuze kube kalokhu anicelanga lutho egameni lami. Celani, niyakwamukeliswa ukuba intokozo yenu igcwale.

UMgqibelo, Mashi 25, 2023

Izindebe zami zizakujabula,
ngokuba ngizakukudumisa wena,
nomphefumulo wami owuhlengileyo.

ULwesihlanu, Mashi 24, 2023

Kepha phezu kwakho konke, bazalwane bami, ningafungi; ningafungi izulu noma umhlaba noma esinye isifungo; kodwa uyebo wenu makabe nguyebo, noqhabo uqhabo, ukuze ningaweli ekwahlulelweni.

ULwesine, Mashi 23, 2023

Ngokuba njengalokho ngokungalaleli kwamuntu munye abaningi benziwa izoni, kanjalo ngokulalela kwamuntu munye abaningi bayakwenziwa abalungileyo.

ULwesithathu, Mashi 22, 2023

Ithemba elilitshazisiweyo ligulisa inhliziyo;
isifiso esigcwalisiweyo singumuthi wokuphila.

ULwesibili, Mashi 21, 2023

UJehova uyisabelo sami,
usho umphefumulo wami;
ngakho ngiyakwethemba kuye.

UMsombuluko, Mashi 20, 2023

Kepha wathi: “Okungenzeki kubantu kungenzeka kuNkulunkulu.”

ISonto, Mashi 19, 2023

Babusisiwe abagcina ubufakazi bakhe,
abamfuna ngenhliziyo yonke.

UMgqibelo, Mashi 18, 2023

Aniyikuthasisela ezwini enginiyala ngalo, ninganciphisi futhi kulo, ukuba nigcine imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo.

ULwesihlanu, Mashi 17, 2023

Futhi ukuyithanda yona ngenhliziyo yonke, nangengqondo yonke, nangamandla onke, nokuthanda umakhelwane njengalokhu umuntu ezithanda yena kudlula yonke iminikelo yokushiswa nemihlatshelo.

ULwesine, Mashi 16, 2023

Ozuza ukuqonda uthanda umphefumulo wakhe;
ogcina ingqondo uyakufumana okuhle.

ULwesithathu, Mashi 15, 2023

Niklebhule inhliziyo yenu,
hhayi izingubo zenu,
niphendukele kuJehova uNkulunkulu wenu,
ngokuba yena unomusa,
unobumnene,
wephuza ukuthukuthela,
unesihe esikhulu,
uhawukela nomubi.

ULwesibili, Mashi 14, 2023

Wathi: “Isikhathi sigcwalisekile, umbuso kaNkulunkulu ususondele; phendukani, nikholwe yivangeli.”

UMsombuluko, Mashi 13, 2023

Funani uJehova namandla akhe,
nifunisise ubuso bakhe njalo.

ISonto, Mashi 12, 2023

Thokozani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: Thokozani!

UMgqibelo, Mashi 11, 2023

Lindani nigxile ekukholweni, nibe ngamadoda, nibe namandla.

ULwesihlanu, Mashi 10, 2023

Uyabekela abaqotho isibusiso,
uyihawu kwabahamba bengenacala.

ULwesine, Mashi 9, 2023

Ngalokho zibopheni izinkalo zengqondo yenu, nizithibe, nethembe ngokupheleleyo umusa enizakuwabelwa ekwambulweni kukaJesu Kristu.

ULwesithathu, Mashi 8, 2023

Ngokuba ngaMoya munye thina sonke sabhapathizwa sibe mzimba munye, noma singabaJuda noma singamaGreki, noma siyizigqila noma singabakhululekileyo; thina sonke saphuziswa Moya munye.

ULwesibili, Mashi 7, 2023

Umphefumulo wami uzithulele kuNkulunkulu kuphela;
insindiso yami ivela kuye.

UMsombuluko, Mashi 6, 2023

Makungaphumi emlonyeni wenu nalinye izwi elibolileyo, kodwa kube ngelilungele ukwakha njengokuswelekileyo, ukuze libavezele umusa abezwayo.

ISonto, Mashi 5, 2023

Kepha izwi lenu malibe ngokuthi: Yebo, yebo; qhabo, qhabo. Okudlula lokhu kuvela kokubi.

UMgqibelo, Mashi 4, 2023

Bongani uJehova, ngokuba muhle,
ngokuba umusa wakhe umi phakade.

ULwesihlanu, Mashi 3, 2023

Ngokuthanda kwakhe wasizala ngezwi leqiniso, ukuze sibe ngabokuqala bezidalwa zakhe.

ULwesine, Mashi 2, 2023

Kepha thina singabombuso wasezulwini, lapho futhi silindela khona ukuba kuvele uMsindisi, iNkosi uJesu Kristu.

ULwesithathu, Mashi 1, 2023

Abanye izinqola, abanye amahhashi,
kepha thina sibonga igama likaJehova uNkulunkulu wethu.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ithemba labalungileyo liyakuba yintokozo,
kepha abakwethembayo ababi kuyakubhubha.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Osibekela isiphambeko ufuna uthando,
kepha onokondisa indaba wahlukanisa abahlobo.
Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela