DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Ephreli 2023)

ISonto, Ephreli 30, 2023

Babusisiwe abalambele,
bomele ukulunga,
ngokuba bayakusuthiswa.

UMgqibelo, Ephreli 29, 2023

Angiceli ukuba ubasuse ezweni; kepha ngicela ukuba ubalonde kokubi.

ULwesihlanu, Ephreli 28, 2023

Qondani, nilinde. Isitha senu, uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo sifuna esingamgwinya.

ULwesine, Ephreli 27, 2023

Thobisela inhliziyo yami ebufakazini bakho,
kungabi sekuhaheni.

ULwesibili, Ephreli 25, 2023

Kepha kukho konke lokho siyanqoba nokunqoba ngowasithandayo.

UMsombuluko, Ephreli 24, 2023

Kuludumo kumuntu ukuhlala kude nokuxabana,
kepha zonke iziwula ziyaphikisana.

ISonto, Ephreli 23, 2023

Saphendula sathi: “Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo onke amandla akho, nangayo yonke ingqondo yakho, nomakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”

UMgqibelo, Ephreli 22, 2023

Kuyakuthi uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, uqaphele ukuyenza yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla, uJehova uNkulunkulu wakho akuphakamise phezu kwazo zonke izizwe zomhlaba.

ULwesihlanu, Ephreli 21, 2023

Insizwa iyakuyihlanza kanjani indlela yayo na?
Ngokuqaphela okwezwi lakho.

ULwesine, Ephreli 20, 2023

Ngokuba konke okusezweni, inkanuko yenyama, nenkanuko yamehlo, nokuzigabisa ngalokhu kuphila, akuveli kuYise, kodwa kuvela ezweni.

ULwesithathu, Ephreli 19, 2023

Owasikhulula emandleni obumnyama nowasibeka embusweni weNdodana yothando lwakhe; okukuyo sinokuhlengwa, ukuthethelelwa kwezono.

UMsombuluko, Ephreli 17, 2023

Ngakho hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu ukuba nibe namandla okuzabalaza ngosuku olubi, nalapho senifeze konke, nime.

ISonto, Ephreli 16, 2023

Yebo, bonke abathanda ukuhamba ngokumesaba uNkulunkulu kuKristu Jesu bayakuzingelwa.

UMgqibelo, Ephreli 15, 2023

Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho, uzakukuphasa;
akayikuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe.

ULwesihlanu, Ephreli 14, 2023

Enimthanda ningambonanga, enithi ningamboni manje nikholwa nguye, nithokoza ngentokozo engakhulumekiyo netusekayo, namukela isigcino sokukholwa kwenu esiyinsindiso yemiphefumulo.

ULwesine, Ephreli 13, 2023

UJesu ebabheka wathi: “Kubantu akunakwenzeka, kepha kuNkulunkulu akunjalo; ngokuba kuNkulunkulu kungenzeka konke.”

ULwesithathu, Ephreli 12, 2023

Ngokuba yimina Jehova uNkulunkulu wakho
obamba isandla sakho sokunene,
nothi kuwe: Ungesabi,
mina ngiyakusiza.

ULwesibili, Ephreli 11, 2023

Bonke abancintisanayo bayazithiba ezintweni zonke; labo benza ukuze bathole umqhele ophelayo, kepha thina ukuze sithole ongapheliyo.

UMsombuluko, Ephreli 10, 2023

Ngiyeza masinyane; bambisisa lokho onakho, ukuze kungabikho muntu okwamuka umqhele wakho.

ISonto, Ephreli 9, 2023

Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu owabuye wasizala kabusha ngokwesihawu sakhe esikhulu ukuba sibe nethemba eliphilileyo ngokuvuka kukaJesu Kristu kwabafileyo.

UMgqibelo, Ephreli 8, 2023

Umusa wakho, Jehova,
mawube phezu kwethu,
njengalokhu sithemba wena.

ULwesihlanu, Ephreli 7, 2023

Kepha uJesu wathi: “Baba, bathethelele, ngokuba abakwazi abakwenzayo.” Babelana izingubo zakhe, benzelana inkatho.

ULwesine, Ephreli 6, 2023

Jehova, ekuseni uyalizwa izwi lami;
ekuseni ngiyakuzibika kuwe, ngilinde.

ULwesithathu, Ephreli 5, 2023

Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi; abanye ngokuyifisa badukelwa ukukholwa, bazigwaza ngeminjunju eminingi.

ULwesibili, Ephreli 4, 2023

Kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu. Inkazimulo mayibe kuye namanje nakuze kube lusuku lwaphakade.

UMsombuluko, Ephreli 3, 2023

Imfundiso yami iyakuconsa njengemvula,
inkulumo yami ichiche njengamazolo,
njengomkhizo ohlazeni,
nanjengezihlambi etshanini.

ISonto, Ephreli 2, 2023

UJesu wathi kuye: “Mina ngingukuvuka nokuphila; okholwa yimi, noma efa, wophila. Nalowo ophila, akholwe yimi, kasoze afa naphakade. Uyakholwa yilokho na?”

UMgqibelo, Ephreli 1, 2023

Siyazi ukuthi kwabamthandayo uNkulunkulu konke kusebenzelana kube ngokuhle, kulabo ababiziweyo ngecebo lakhe.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ngikhala kuwe Jehova
ngisotweni phansi.
Nkosi, yizwa izwi lami;
izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa,
angesabi okubi, ngokuba wena unami,
intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza.
Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela