DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Ephreli 2017)

ISonto, Ephreli 30, 2017

UJesu wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Akukho muntu oshiye indlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma unina, noma uyise, noma abantwana, noma amazwe ngenxa yami nangenxa yevangeli, ongayikwamukeliswa ngekhulu: manje kulesi sikhathi izindlu, nabafowabo, nawodadewabo, nawonina, nabantwana, namazwe kanye nokuzingelwa, nasenkathini ezayo ukuphila okuphakade.”

UMgqibelo, Ephreli 29, 2017

Niyakuhamba njalo endleleni uJehova uNkulunkulu wenu aniyale ngayo, ukuze niphile, kube kuhle kini, nandise izinsuku zenu ezweni eniyakulidla.

ULwesihlanu, Ephreli 28, 2017

Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa,
angesabi okubi, ngokuba wena unami,
intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza.

ULwesine, Ephreli 27, 2017

Nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye; njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani.

ULwesithathu, Ephreli 26, 2017

Kepha manje kuKristu Jesu nina enanikade nikude senenziwe abaseduze ngegazi likaKristu.

ULwesibili, Ephreli 25, 2017

Umlomo wami uzakugcwala ukubonga wena,
nalo udumo lwakho usuku lonke.

UMsombuluko, Ephreli 24, 2017

Ningazibekeleli ingcebo emhlabeni, lapho kona inundu nokugqwala, nalapho amasela efohla khona, ebe. Kepha zibekeleleni ingcebo ezulwini, lapho kungoni inundu nokugqwala, nalapho amasela engafohli khona, ebe.

ISonto, Ephreli 23, 2017

Likholekile leli zwi lokuthi: Ngokuba uma safa naye, siyakuphila naye futhi.

UMgqibelo, Ephreli 22, 2017

Izikhathi zami zisesandleni sakho;
ngikhulule esandleni sezitha zami nakwabangizingelayo.

ULwesihlanu, Ephreli 21, 2017

Ngokuba uma sikholwa ukuthi uJesu wafa, wavuka, ngokunjalo-ke uNkulunkulu uyakubaletha nabaleleyo kuJesu kanye naye.

ULwesine, Ephreli 20, 2017

Lokhu sinalezo zithembiso, bathandwa, masizihlambulule ekungcoleni konke kwenyama nokomoya, siphelelise ubungcwele ngokumesaba uNkulunkulu.

ULwesithathu, Ephreli 19, 2017

Ukwenza ukulunga nokwahlulela
kukhethekile kuJehova kunemihlatshelo.

ULwesibili, Ephreli 18, 2017

Lapho udabula emanzini,
mina nginawe;
nasemifuleni, ayiyikukukhukhula;
lapho uhamba emlilweni, awuyikusha,
nelangabi aliyikukushisa.

UMsombuluko, Ephreli 17, 2017

Kepha sazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ingqondo ukuze simazi oweqiniso; sikuye oweqiniso, kuyo iNdodana yakhe uJesu Kristu. Yena unguNkulunkulu oqinisileyo nokuphila okuphakade.

ISonto, Ephreli 16, 2017

Amazulu ayalanda ngenkazimulo kaJehova,
nomkhathi ushumayela umsebenzi wezandla zakhe.
Usuku luyalandisa usuku inkulumo,
nobusuku bushumayeza ubusuku ukwazi.

UMgqibelo, Ephreli 15, 2017

Ungesabi, ngokuba mina nginawe;
ungapheli amandla,
ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho;
ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza,
yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.

ULwesihlanu, Ephreli 14, 2017

UJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Baba, ezandleni zakho ngiyawubeka umoya wami.” Eseshilo lokho wafa.

ULwesine, Ephreli 13, 2017

Bheka, umphefumulo wakhe uziphakamisile,
awuqotho phakathi kwakhe,
kepha olungileyo uzakuphila ngokukholwa kwakhe.

ULwesithathu, Ephreli 12, 2017

Akakho onothando olukhulu kunalolo lokuba adele ukuphila kwakhe ngenxa yabahlobo bakhe.

ULwesibili, Ephreli 11, 2017

Makabongwe uNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wobubele, uNkulunkulu wenduduzo yonke, osiduduza osizini lwethu lonke, ukuze nathi sibe namandla okududuza abasosizini, nolunjani, ngenduduzo esiduduzwa ngayo nathi nguNkulunkulu.

UMsombuluko, Ephreli 10, 2017

Okuncane anakho olungileyo kungcono
kunemfuyo yababi abaningi.
Ngokuba izingalo zababi ziyakwaphulwa,
kepha uJehova uyabaphasa abalungileyo.

ISonto, Ephreli 9, 2017

Bhekani, sikhuphukela eJerusalema; iNdodana yomuntu izakukhashelwa kubapristi abakhulu nababhali; bazakuyinqumela ukuba ife, bayikhaphele kwabezizwe ukuba iklolodelwe, ishaywe, ibethelwe esiphambanweni; kepha ngosuku lwesithathu izakuvuswa.

UMgqibelo, Ephreli 8, 2017

Kepha uNkulunkulu unamandla okunipha umusa wonke uvame, ukuze kuthi ninokwanela konke ezintweni zonke ngezikhathi zonke, nivame imisebenzi yonke emihle.

ULwesihlanu, Ephreli 7, 2017

Insindiso ingekaJehova;
isibusiso sakho masibe kubantu bakho. Sela

ULwesine, Ephreli 6, 2017

Oyakuvuza yilowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe.

ULwesithathu, Ephreli 5, 2017

Kepha obukisisa emthethweni opheleleyo wenkululeko nohlala kuwo, engesiye ozwayo nje akhohlwe, kodwa engowenzayo asebenze, lowo uzakuba ngobusisiweyo ekwenzeni kwakhe.

ULwesibili, Ephreli 4, 2017

UJehova ukhulula umphefumulo wezinceku zakhe;
akakho kwabamethembayo oyakuba necala.

UMsombuluko, Ephreli 3, 2017

Yilesi sibindi esinaso kuye sokuthi, uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa.

ISonto, Ephreli 2, 2017

Ngakho-ke manibe ngabapheleleyo, njengokuba uYihlo wasezulwini ephelele.

UMgqibelo, Ephreli 1, 2017

Bheka, kuhle, kumnandi kangaka
ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.

Amavesi eBhayibheli osuku

Thandanani ngenhliziyo ngothando lobuzalwane; ekwazisaneni nandulelane.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho futhi elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela