DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Julayi 2017)

UMsombuluko, Julayi 31, 2017

Futhi nxa nimi nikhuleka, thethelelani, uma ninamagqubu nomunye, ukuze noYihlo osezulwini anithethelele iziphambeko zenu.

ISonto, Julayi 30, 2017

Izinyathelo zomuntu ziqiniswa nguJehova;
uyayithanda indlela yakhe.

UMgqibelo, Julayi 29, 2017

Ngokuba ngingubani mina, nabantu bami, bayini ukuba sibe namandla okunikela ngenhliziyo engaka na? Ngokuba konke kuvela kuwe, nokuvela esandleni sakho lokhu sikunike wena.

ULwesihlanu, Julayi 28, 2017

Manje-ke kumi ukukholwa, nokwethemba, nothando, lokho kokuthathu; kepha okukhulu kulokho luthando.

ULwesine, Julayi 27, 2017

Ngokuba usuku lunye emagcekeni akho
luhle kunezinye eziyizinkulungwane.
Ngiyakhetha ukulinda emnyango wendlu kaNkulunkulu wami
kunokuhlala ematendeni ababi.

ULwesithathu, Julayi 26, 2017

Kepha ukuhlakanipha okwaphezulu okokuqala kumhlophe, andukuba kube nokuthula, nokuva, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle; akunakungabaza, akunakuzenzisa.

ULwesibili, Julayi 25, 2017

UNkulunkulu wababusisa; uNkulunkulu wathi kubo: “Zalani, nande, nigcwalise umhlaba, niwunqobe, nibuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni.”

UMsombuluko, Julayi 24, 2017

Ngiyakukubonga ngobuqotho benhliziyo,
lapho ngifunda izahlulelo zakho ezilungileyo.

ISonto, Julayi 23, 2017

Ngokuba sihamba ngokukholwa, asihambi ngokubona.

UMgqibelo, Julayi 22, 2017

‘Buyelani kimi,’ usho uJehova Sebawoti, ‘ngiyakubuyela kini,’ usho uJehova Sebawoti.

ULwesihlanu, Julayi 21, 2017

Yilolu usuku alwenzileyo uJehova;
siyakwethaba, sithokoze ngalo.

ULwesine, Julayi 20, 2017

Ngokuba nonke ningabantwana bakaNkulunkulu ngokukholwa kuKristu. Ngokuba nonke enabhapathizelwa kuKristu nembatha uKristu.

ULwesithathu, Julayi 19, 2017

Wayesethi kubo: “Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo.”

ULwesibili, Julayi 18, 2017

Phezu kwakho konke okugcinayo,
gcina inhliziyo yakho,
ngokuba kuyilapho kuvela khona ukuphila.

UMsombuluko, Julayi 17, 2017

Thina esingabheki okubonwayo kodwa okungabonwayo; ngokuba okubonwayo kungokwesikhashana, kepha okungabonwayo kungokwaphakade.

ISonto, Julayi 16, 2017

Bukani izinyoni zezulu ukuthi azihlwanyeli, azivuni, azibekeleli ezinqolobaneni; nokho uYihlo wasezulwini uyazondla. Nina kanizidluli kakhulu na?

ULwesihlanu, Julayi 14, 2017

Ngokuba okungabonwayo kwakhe, kuthi amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe kubonakala kwasekudalweni kwezwe, ngokuba kuqondakala ngezenzo zakhe, ukuze bangabi nakuzilandulela.

ULwesine, Julayi 13, 2017

Pho, ubani onganilimaza, uma nishisekela okuhle na?

ULwesithathu, Julayi 12, 2017

Ngiyamthanda uJehova,
ngokuba uyezwa izwi lokukhuleka kwami.
Ngokuba ubekile indlebe kimi
ngiyakukhuleka kuye zonke izinsuku zami.

ULwesibili, Julayi 11, 2017

Ukuthula kukaKristu makubuse ezinhliziyweni zenu, enabizelwa futhi kukho emzimbeni munye; futhi yibani ngababongayo.

UMsombuluko, Julayi 10, 2017

Nibusisiwe, nxa abantu benizonda
nanxa benicwasa, benithuka,
belilahla igama lenu ngokungathi libi
ngenxa yeNdodana yomuntu.

ISonto, Julayi 9, 2017

Ngokuba wena uzenzile izinso zami,
wangaluka esiswini sikamame.
Ngiyakukubonga,
ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo;
imisebenzi yakho iyamangalisa;
umphefumulo wami uyakwazi kahle.

UMgqibelo, Julayi 8, 2017

Onqobayo ngiyakumnika ukuba ahlale nami esihlalweni sami sobukhosi, njengalokho nami nganqoba, ngahlala noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi.

ULwesihlanu, Julayi 7, 2017

Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nomoya wenu.

ULwesine, Julayi 6, 2017

Okuncane kanye nokulunga kungcono
kunenzuzo enkulu kanye nokungalungi.

ULwesithathu, Julayi 5, 2017

Okholwayo abhapathizwe uyakusindiswa, kepha ongakholwayo uyakulahlwa.

ULwesibili, Julayi 4, 2017

Ngiyakwazi ukuba phansi, ngiyakwazi nokubusa; kukho konke nasezintweni zonke ngifundisiwe: ukusutha, nokulamba, nokubusa, nokuswela.

UMsombuluko, Julayi 3, 2017

Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha;
banengqondo enhle bonke abakwenzayo.
Udumo lwakhe lumi kuze kube phakade.

ISonto, Julayi 2, 2017

Kepha obuthakathaka ekukholweni mamukeleni, kungabi ngokwahlulela ngezizindlo.

UMgqibelo, Julayi 1, 2017

Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa, inilondoloze komubi.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ngiyazelulela izandla zami kuwe;
umphefumulo wami womela wena
njengomhlaba owomileyo. Sela

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Ngokuba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo wasezulwini uyakunithethelela nani.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela