DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Juni 2017)

ULwesihlanu, Juni 30, 2017

UJehova uzakunika abantu bakhe amandla;
uJehova uzakubusisa abantu bakhe ngokuthula.

ULwesine, Juni 29, 2017

UJesu wathi kuyo: “Hamba-ke; ukukholwa kwakho kukusindisile.” Yayisibona khona lapho, yamlandela endleleni.

ULwesithathu, Juni 28, 2017

Ngokuba uNkulunkulu akasiphanga umoya wobugwala, kepha owamandla, nowothando, nowokuzikhuza.

ULwesibili, Juni 27, 2017

Amabhongo ezingonyama ayaswela, alambe,
kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle.

UMsombuluko, Juni 26, 2017

INkosi ayilibali ngesithembiso sayo, njengalokhu abanye bathi kungukulibala, kepha iyanibekezelela, ingathandi ukuba kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni.

ISonto, Juni 25, 2017

Uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, ukwenze okulungile emehlweni akhe, ulalele imiyalo yakhe, ugcine izimiso zakhe zonke, angiyikubeka phezu kwakho nasinye salezo zifo engizibeke phezu kwabaseGibithe, ngokuba nginguJehova okuphilisayo.

UMgqibelo, Juni 24, 2017

Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami
nokukhanya endleleni yami.

ULwesihlanu, Juni 23, 2017

UJesu wathi kubo: “Mina ngiyisinkwa sokuphila; ozayo kimi kasoze alamba, nokholwa yimi kasoze oma.”

ULwesine, Juni 22, 2017

Mfuneni uJehova esenokutholwa,
nimbize eseseduze.

ULwesithathu, Juni 21, 2017

Futhi khumbula uMdali wakho
emihleni yobusha bakho,
zingakafiki izinsuku ezimbi,
ingakasondeli iminyaka osho ngayo ukuthi:
“Angithokozi ngayo.”

ULwesibili, Juni 20, 2017

Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.

UMsombuluko, Juni 19, 2017

Esephelelisiwe waba yisisusa sokusindiswa okuphakade kubo bonke abamlalelayo.

ISonto, Juni 18, 2017

Njengoyise ehawukela abantwana bakhe,
kanjalo uJehova uyabahawukela abamesabayo.

UMgqibelo, Juni 17, 2017

Ukwenza kwenu makungabi ngokokufisa imali; yaneliswani ngeninakho; ngokuba yena ushilo wathi: “Angisoze ngakuyeka, angisoze ngakushiya,”

ULwesihlanu, Juni 16, 2017

Ngalokho-ke vuselelanani, nakhane njengokuba futhi nikwenza.

ULwesine, Juni 15, 2017

Umthetho kaJehova uphelele,
uvusa umphefumulo;
ukufakaza kukaJehova kuqinisile,
kuhlakaniphisa oyisiwula.

ULwesithathu, Juni 14, 2017

Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilile, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.

ULwesibili, Juni 13, 2017

Kepha yena wathi: “Yebo, kodwa kakhulu babusisiwe abalizwa izwi likaNkulunkulu, balilondoloze.”

UMsombuluko, Juni 12, 2017

Londa ulimi lwakho kokubi,
nezindebe zakho kukho ukukhuluma inkohliso.

ISonto, Juni 11, 2017

Angikuyalile na? Qina, ume isibindi, ungesabi, ungabi naluvalo, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona.

UMgqibelo, Juni 10, 2017

Yilo umyalo wami wokuba nithandane, njengalokho nginithandile.

ULwesihlanu, Juni 9, 2017

Ngimbeke uJehova njalo phambi kwami,
ngokuba ungakwesokunene sami,
angiyikuzanyazanyiswa.

ULwesine, Juni 8, 2017

Ngakho-ke uPetru wagcinwa etilongweni; kepha ibandla lamkhulekela ngesineke kuNkulunkulu.

ULwesithathu, Juni 7, 2017

Kepha-ke ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa; ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.

ULwesibili, Juni 6, 2017

Wena uyisiphephelo sami nesihlangu sami;
ngiyethemba izwi lakho.

UMsombuluko, Juni 5, 2017

Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka, nobumnene, nokuzithiba. Akukho mthetho omelana nokunjalo.

ISonto, Juni 4, 2017

Kodwa nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube sekugcineni komhlaba.

UMgqibelo, Juni 3, 2017

Ngokuba wena, Nkosi, umuhle, ungothethelelayo,
unomusa omkhulu kubo bonke abakhala kuwe.

ULwesihlanu, Juni 2, 2017

Ngokuba nabizelwa khona lokho, ngokuba uKristu wahlushwa ngenxa yenu, enishiyela isibonelo sokuba nilandele ezinyathelweni zakhe.

ULwesine, Juni 1, 2017

Ngithokoza ngendlela yobufakazi bakho njengemfuyo.

Amavesi eBhayibheli osuku

Thandanani ngenhliziyo ngothando lobuzalwane; ekwazisaneni nandulelane.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo, kungathi kwenzelwa iNkosi, qha abantu, nazi ukuthi niyakwamukela umvuzo wefa eNkosini. Khonzani iNkosi uKristu.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela