DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Agasti 2017)

ULwesine, Agasti 31, 2017

UMoya weNkosi uphezu kwami,
ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu,
ingithumele ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo,
nokubona kwabayizimpumputhe,
nokuhlenga abacindezelweyo.

ULwesithathu, Agasti 30, 2017

Bafazi, thobelani amadoda enu njengokufanele eNkosini.
Madoda, thandani omkenu, ningabacasukeli.

ULwesibili, Agasti 29, 2017

Nakuba umuntu ahlula oyedwa,
ababili bayakuma phambi kwakhe,
nentambo emicu mithathu ayisheshi ukugqashuka.

UMsombuluko, Agasti 28, 2017

Yazisa uyihlo nonyoko, ukuze izinsuku zakho zibe zinde ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.

ISonto, Agasti 27, 2017

Kepha kunjengokuba kulotshiwe ukuthi:
“Lokho iso elingakubonanga,
nendlebe engakuzwanga,
okungavelanga enhliziyweni yamuntu,
uNkulunkulu akulungisela abamthandayo.”

UMgqibelo, Agasti 26, 2017

Indlu nemfuyo kuyifa elivela koyise,
kepha umfazi ohlakaniphileyo uvela kuJehova.

ULwesihlanu, Agasti 25, 2017

“Ngokuba imicabango yami
ayisiyo imicabango yenu,
nezindlela zenu
azisizo izindlela zami,” usho uJehova.

ULwesine, Agasti 24, 2017

Hambani ngokuhlakanipha kubo abangaphandle, nithengisise isikhathi. Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyolisiwe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.

ULwesithathu, Agasti 23, 2017

Yenama ngosuku lwenhlanhla,
kepha ngosuku olubi qonda ukuthi
nalolu uNkulunkulu ulwenzile njengalolo,
ukuze umuntu angafumani lutho
oluyakuba khona emva kwakhe.

ULwesibili, Agasti 22, 2017

Kodwa sithi sikhuluma iqiniso ngothando, sikhulele ngakho konke kuye oyinhloko, uKristu.

UMsombuluko, Agasti 21, 2017

Ningaduki; uNkulunkulu akahlekwa. Ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu, lokho wokuvuna.

ISonto, Agasti 20, 2017

Yilowo ohamba ngobuqotho nowenza ukulunga,
okhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe,
ongahlebi ngolimi lwakhe,
ongamoni umngane wakhe,
nongamhlazi umakhelwane wakhe.

UMgqibelo, Agasti 19, 2017

Ngokuba yileyo ndlu yakhiwa ngothile; kepha owakha konke nguNkulunkulu.

ULwesihlanu, Agasti 18, 2017

Niyakuba ngcwele kimi, ngokuba mina Jehova ngingcwele; nginahlukanisile nabezizwe ukuba nibe ngabami.

ULwesine, Agasti 17, 2017

Ngiyakuhamba endaweni ebanzi,
ngokuba iziyalezo zakho ngiyazifuna.

ULwesithathu, Agasti 16, 2017

Ngiyakholwa ukuthi nakufa, nakuphila, nazingelosi, nababusi, nakho okukhona, nakho okuzayo, namandla, nakuphakama, nakujula, nanto enye edaliweyo akuyikuba namandla okusahlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu iNkosi yethu.

ULwesibili, Agasti 15, 2017

Uma sazi ukuthi uyasizwa noma sicelani, siyazi ukuthi sinakho esikucelileyo, esikucele kuye.

UMsombuluko, Agasti 14, 2017

UJehova ungukukhanya kwami nensindiso yami;
ngizakwesaba bani na?
UJehova uyinqaba yokuphila kwami;
ngizakuba novalo ngobani na?

ISonto, Agasti 13, 2017

Ngokuba uma uthando lukhona, kwamukeleka njengalokho umuntu anakho, kungenjengalokho angenakho.

UMgqibelo, Agasti 12, 2017

Njengabakhululekileyo, kodwa kungabi njengabenza ukukhululeka kube yisigubuzelo sokubi kepha njengezinceku zikaNkulunkulu.

ULwesihlanu, Agasti 11, 2017

Indlela kaNkulunkulu iphelele;
izwi likaJehova lihlanzekile;
yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye.

ULwesine, Agasti 10, 2017

Mawube kini lowo mqondo owawukhona nakuKristu Jesu.

ULwesithathu, Agasti 9, 2017

Kepha manje, senikhululiwe esonweni naba ngabakhonza uNkulunkulu, ninazo izithelo zenu kube ngukungcweliswa nasekugcineni ukuphila okuphakade.

ULwesibili, Agasti 8, 2017

Ngezimpaphe zakhe uyakukusibekela,
uphephele phansi kwamaphiko akhe;
ukuthembeka kwakhe kuyisihlangu nehawu.

UMsombuluko, Agasti 7, 2017

Nakho konke okudaliweyo okusezulwini, nokusemhlabeni, naphansi komhlaba, naselwandle, nakho konke okukukho, ngakuzwa kuthi:
“Kuyena ohlezi esihlalweni sobukhosi nakulo iWundlu makube yisibusiso,
nodumo, nenkazimulo, namandla kuze kube phakade naphakade.”

ISonto, Agasti 6, 2017

Ngokuba umusa kaNkulunkulu wokusindisa ubonakalisiwe kubantu bonke; uyasifundisa ukuba sidele ukungakholwa nezinkanuko zezwe, sihambe ngokuqonda, nangokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu kulesi sikhathi samanje.

UMgqibelo, Agasti 5, 2017

Insindiso yami nodumo lwami kukuNkulunkulu;
idwala lami eliqinileyo nesiphephelo sami kukuNkulunkulu.

ULwesihlanu, Agasti 4, 2017

Ukuthula ngikushiya kinina, ukuthula kwami nginipha khona. Akunjengokupha kwezwe ukunipha kwami. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, ingesabi.

ULwesine, Agasti 3, 2017

Kabasayikulamba, kabasayikoma kabasoze bahlatshwa yilanga nakushisa kuni, ngokuba iWundlu elingaphakathi nesihlalo sobukhosi liyakubelusa, libaholele emithonjeni yamanzi okuphila; noNkulunkulu uyakwesula izinyembezi zonke emehlweni abo.

ULwesithathu, Agasti 2, 2017

Ngizakukubonga phakathi kwabantu, Jehova,
ngikudumise phakathi kwezizwe.

Amavesi eBhayibheli osuku

Kepha phezu kwakho konke lokho yembathani uthando oluyisibopho sokuphelela.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Enimthanda ningambonanga, enithi ningamboni manje nikholwa nguye, nithokoza ngentokozo engakhulumekiyo netusekayo, namukela isigcino sokukholwa kwenu esiyinsindiso yemiphefumulo.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela