DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Septhemba 2017)

UMgqibelo, Septhemba 30, 2017

Ukuze ezintweni zonke nicetshiswe kukho ukuphana konke okuveza ngathi ukubonga uNkulunkulu.

ULwesihlanu, Septhemba 29, 2017

Babusiseni abanizingelayo; busisani, ningaqalekisi.

ULwesine, Septhemba 28, 2017

Inkohliso isezinhliziyweni zabaceba okubi,
kepha abaluleka ukuthula,
kubona kukhona intokozo.

ULwesithathu, Septhemba 27, 2017

UJesu wayesethi kuye: “Uma unamandla! Konke kungenzeka kokholwayo.”

ULwesibili, Septhemba 26, 2017

Bhekani uthando olungaka asinike lona uBaba lokuba sithiwe singabantwana bakaNkulunkulu; futhi siyibo. Ngalokho izwe alisazi, ngokuba alimazanga yena.

UMsombuluko, Septhemba 25, 2017

Uyakungazisa indlela yokuphila;
ukugcwala kwenjabulo kusebusweni bakho;
intokozo isesandleni sakho sokunene kuze kube phakade.

ISonto, Septhemba 24, 2017

Nomuntu kasokheli isibani, asibeke phansi kwesitsha, kodwa usifaka othini; khona siyabakhanyisela bonke abasendlini. Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu ukuba babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.

UMgqibelo, Septhemba 23, 2017

INkosi inguye uMoya; kepha lapho uMoya weNkosi ekhona, kukhona inkululeko.

ULwesihlanu, Septhemba 22, 2017

Akakho ongcwele njengoJehova,
ngokuba akakho noyedwa ngaphandle kwakho;
futhi alikho idwala elinjengoNkulunkulu wethu.

ULwesithathu, Septhemba 20, 2017

Nihambe othandweni, njengalokho uKristu wanithanda, wazinikela ngenxa yethu, abe ngumnikelo nomhlatshelo, abe yiphunga elimnandi kuNkulunkulu.

ULwesibili, Septhemba 19, 2017

Abantwana babantwana bangumqhele wabadala,
nodumo lwabantwana lungoyise.

UMsombuluko, Septhemba 18, 2017

Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni; ngokuba esevivinyekile uyakwamukeliswa umqhele wokuphila othenjisiwe yiNkosi kwabayithandayo.

ISonto, Septhemba 17, 2017

Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.

UMgqibelo, Septhemba 16, 2017

Inhliziyo eyenamileyo iyikhambi elihle,
kepha umoya owaphukileyo uyomisa amathambo.

ULwesihlanu, Septhemba 15, 2017

Kepha uNkulunkulu wokubekezela nowenduduzo makaniphe nibe nokuqonda kunye phakathi kwenu ngokukaKristu Jesu.

ULwesine, Septhemba 14, 2017

Kepha ngosuku lokugcina olukhulu lomkhosi uJesu wema wamemeza wathi: “Uma ekhona owomileyo, akeze kimi, aphuze.”

ULwesithathu, Septhemba 13, 2017

Wena unginikile isihlangu sensindiso yakho,
isandla sakho sokunene singisekele,
nobumnene bakho bungikhulisile.
Amabanga okunyathela kwami uwandisile;
amaqakala ami awaxegi.

ULwesibili, Septhemba 12, 2017

Anifikelwanga ukulingwa okungenjengokwabantu; kepha uNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu, kepha oyakuthi kanye nokulingwa anenzele indlela yokuphepha, nize nibe namandla okukuthwala.

UMsombuluko, Septhemba 11, 2017

Kepha-ke uma umuntu engabondli abakubo, kakhulu abakwakhe, ukulahlile ukukholwa, mubi kunongakholwayo.

ISonto, Septhemba 10, 2017

Zuza ukuhlakanipha, zuza ukuqonda;
ungakhohlwa, ungachezuki emazwini omlomo wami.

UMgqibelo, Septhemba 9, 2017

Utshani buyabuna,
imbali iyavuthuluka,
kepha izwi likaNkulunkulu wethu
limi kuze kube phakade.

ULwesihlanu, Septhemba 8, 2017

Ngokuba kuyakumsizani umuntu ukuzuza izwe lonke, alahlekelwe ngukuphila kwakhe, na?

ULwesine, Septhemba 7, 2017

UJehova ungakimi, angiyikwesaba;
umuntu angangenzani na?

ULwesithathu, Septhemba 6, 2017

Ngakho ngenamile ebuthakathakeni, nasekuphathweni kabi, nasekusweleni, nasekuzingelweni, nasekubandezekeni ngenxa kaKristu, ngokuba uma ngibuthakathaka, yikhona nginamandla.

ULwesibili, Septhemba 5, 2017

Omubi makashiye indlela yakhe,
nomuntu owenza okubi imicabango yakhe,
abuyele kuJehova,
uyakuba nomusa kuye,
yebo, abuyele kuNkulunkulu wethu,
ngokuba uyakwenza ukuthethelela kube kukhulu.

UMsombuluko, Septhemba 4, 2017

Ukuzidla komuntu kuyamthobisa,
kepha onomoya othobekileyo uyazuza udumo.

ISonto, Septhemba 3, 2017

Ngakho-ke uma nina eningababi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uYihlo osezulwini uzakubapha abacela kuye uMoya oNgcwele.

UMgqibelo, Septhemba 2, 2017

Khona uJesu wabuye wathi kubo: “Ukuthula makube kinina. Njengokuba uBaba engithume mina, nami ngiyanithuma nina.”

ULwesihlanu, Septhemba 1, 2017

Lindela uJehova, uqine,
inhliziyo yakho ime isibindi;
yebo, lindela uJehova.

Amavesi eBhayibheli osuku

Kepha-ke ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa; ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Akukho ukwesaba othandweni, kepha uthando olupheleleyo luyaxosha ukwesaba, ngokuba ukwesaba kunesijeziso, nowesabayo akaphelele othandweni.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela