DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Februwari 2018)

ULwesithathu, Februwari 28, 2018

UPawulu wayesethi: “UJohane wabhapathiza umbhapathizo wokuphenduka, ethi kubantu mabakholwe nguyena obezakuza emva kwakhe, kungukuthi uJesu.”

ULwesibili, Februwari 27, 2018

Yenza umkhondo wonyawo lwakho ukuba ulingane,
ziqine zonke izindlela zakho.

UMsombuluko, Februwari 26, 2018

Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?

ISonto, Februwari 25, 2018

UJesu wathi kuye: “Angishongo yini kuwe ukuthi uma ukholwa, uzakubona inkazimulo kaNkulunkulu, na?”

UMgqibelo, Februwari 24, 2018

Umuntu omuhle nguye onomusa, otshelekayo,
esekela izindaba zakhe ngokulunga.

ULwesine, Februwari 22, 2018

Ngiyakuninika inhliziyo entsha, ngifake phakathi kwenu umoya omusha, ngikhiphe inhliziyo yetshe enyameni yenu, ngininike inhliziyo yenyama.

ULwesithathu, Februwari 21, 2018

Okuncane kanye nokumesaba uJehova kungcono
kunengcebo eningi kanye nokukhathazeka.

ULwesibili, Februwari 20, 2018

Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu owabuye wasizala kabusha ngokwesihawu sakhe esikhulu ukuba sibe nethemba eliphilileyo ngokuvuka kukaJesu Kristu kwabafileyo.

UMsombuluko, Februwari 19, 2018

Ngiyakuzenza zona nezindawo ezizungeza intaba yami zibe yisibusiso, ngehlise imvula ngesikhathi sayo, ibe yizihlambi zesibusiso.

ISonto, Februwari 18, 2018

Ngithi kuJehova: “Wena uyiNkosi yami;
anginakho okuhle ngaphandle kwakho.”

UMgqibelo, Februwari 17, 2018

Inhliziyo yenu mayingakhathazeki. Kholwani nguNkulunkulu, nikholwe nayimi.

ULwesihlanu, Februwari 16, 2018

Ngiyakucela kuBaba aniphe omunye uMduduzi wokuba ahlale kini phakade.

ULwesine, Februwari 15, 2018

Umphefumulo ophanayo uyakukhuluphaliswa;
ophuzisayo uyakuphuziswa naye.

ULwesithathu, Februwari 14, 2018

Noma ngabela abampofu konke enginakho, noma nginikela umzimba wami ukuba ushiswe, kepha ngingenalo uthando, akungisizi ngalutho.

ULwesibili, Februwari 13, 2018

Muphe yilowo nalowo ocela kuwe; nokwaphuca okwakho, ungabuyi ukubize kuye.

UMsombuluko, Februwari 12, 2018

UJehova, iNkosi yami,
ungamandla ami,
wenza izinyawo zami zibe njengezezindluzelekazi,
angenze ukuba ngihambe ezindaweni zami eziphakemeyo.

ISonto, Februwari 11, 2018

Ngokuba ukulunga kukaNkulunkulu kwambulwa kulo, kuvela ekukholweni, kuyisa ekukholweni, njengokulotshiweyo ukuthi: “Olungileyo uzakuphila ngokukholwa.”

UMgqibelo, Februwari 10, 2018

Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga; yazisa uyihlo nonyoko; wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.

ULwesihlanu, Februwari 9, 2018

Ungaphambuki ngakwesokunene nangakwesokhohlo;
chezukisa unyawo lwakho ebubini.

ULwesine, Februwari 8, 2018

Kepha yena onika ohlwanyelayo inhlwanyelo nesinkwa sokudliwa uyakulungisela evise imbewu yenu, andise izithelo zokulunga kwenu.

ULwesithathu, Februwari 7, 2018

Phulukisani abagulayo, nivuse abafileyo, nihlambulule abanochoko, nikhiphe amademoni. Namukelisiwe ngesihle, yiphani ngesihle.

ULwesibili, Februwari 6, 2018

Ithemba elilitshazisiweyo ligulisa inhliziyo;
isifiso esigcwalisiweyo singumuthi wokuphila.

UMsombuluko, Februwari 5, 2018

Ngokuba nina bazalwane nabizelwa ekukhululekeni. Kuphela ningakwenzi ukukhululeka kube yithuba enyameni, kepha khonzanani ngothando.

ISonto, Februwari 4, 2018

Kuyakuthi lapho enecala kokunye kwalokho, avume lokho one ngakho.

UMgqibelo, Februwari 3, 2018

Khipha usizi enhliziyweni yakho,
udlulise okubi emzimbeni wakho,
ngokuba ubusha nobunsizwa buyize.

ULwesihlanu, Februwari 2, 2018

Ningakhathazeki ngengomuso, ngokuba ingomuso iyakukhathalela okwayo. Inkathazo yosuku yanele lona.

ULwesine, Februwari 1, 2018

Niyafisa, nokho aninalutho; niyabulala ninomhawu, nokho anizuzi lutho; niyalwa nenza impi. Aninalutho, ngokuba ningaceli.

Amavesi eBhayibheli osuku

Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi bayizimpisi eziphangayo.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifunisisa ngenhliziyo yenu yonke.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela