DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Mashi 2018)

ULwesihlanu, Mashi 30, 2018

Aba, Baba, konke kungenzeka kuwe; ake ususe kimi lesi sitsha, kepha kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena.

ULwesine, Mashi 29, 2018

Ngizakukufundisa, ngikubonise indlela ozakuhamba ngayo;
ngizakukululeka ngeso lami.

ULwesithathu, Mashi 28, 2018

Kepha wena, nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvale umnyango wakho ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.

UMsombuluko, Mashi 26, 2018

Yebo, ubuhle beNkosi uNkulunkulu wethu abube phezu kwethu,
umise umsebenzi wezandla zethu phezu kwethu;
yebo, umsebenzi wezandla zethu uwumise.

ISonto, Mashi 25, 2018

Thokoza kakhulu,
ndodakazi yaseSiyoni;
jabula nokujabula,
ndodakazi yaseJerusalema;
bheka, iNkosi yakho iza kuwe,
ilungile, inensindiso,
ithobekile, ikhwele imbongolo,
ithole, inkonyane yembongolokazi.

UMgqibelo, Mashi 24, 2018

Uma umuntu ona, enza noma yikuphi kuyo imiyalo uJehova ayale ngakho ukuthi akunakwenziwa, noma ebengakwazi, unecala nokho, futhi wothwala ububi bakhe.

ULwesihlanu, Mashi 23, 2018

Ungagodleli abaninikho okuhle,
lapho kusemandleni esandla sakho ukukwenza.

ULwesine, Mashi 22, 2018

Awazi yini? Awuzwanga na?
UJehova unguNkulunkulu ongunaphakade;
udalile imikhawulo yomhlaba;
akapheli amandla, akakhathali,
nokuqonda kwakhe akunakuphenywa.

ULwesithathu, Mashi 21, 2018

Nokuthi angigwemanga ukunitshela okusizayo nokunifundisa phambi kwabantu nakuzo izindlu ngezindlu.

ULwesibili, Mashi 20, 2018

Ubusisiwe umuntu othola ukuhlakanipha
nomuntu ozuza ingqondo.

UMsombuluko, Mashi 19, 2018

Akusikho lokhu kuzila engikukhethileyo yini:
ukuthukulula izibopho zobubi
nokuxegisa imichilo yejoka;
ukukhulula abacindezelwayo
nokwaphula onke amajoka na?

ISonto, Mashi 18, 2018

Ngokuba konke kuvela kuye, kukhona ngaye, kuya kuye; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade. Amen.

UMgqibelo, Mashi 17, 2018

Amehlo akho mawabheke phambili,
nezinkophe zakho maziqonde phambi kwakho.

ULwesihlanu, Mashi 16, 2018

Masibambisise isivumo sethemba lethu singaxegi, ngokuba ukholekile lowo owethembisayo.

ULwesine, Mashi 15, 2018

Kepha abafuna ukuceba bayela ekulingweni, nasesihibeni, nasezinkanukweni eziningi zobuwula ezilimazayo, ezishonisa abantu ekufeni nasekubhujisweni.

ULwesithathu, Mashi 14, 2018

Yazi ukuthi kunjalo ukuhlakanipha emphefumulweni wakho;
uma ukutholile, kuyakuba khona isikhathi esizayo,
nethemba lakho aliyikunqunywa.

ULwesibili, Mashi 13, 2018

Ngakho ngiyanincenga, bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandeka kuNkulunkulu, kube ngukukhonza kwenu kokuqonda.

UMsombuluko, Mashi 12, 2018

Thina siyalwazi, sikholwa yilo lolu thando uNkulunkulu analo kithina. UNkulunkulu uluthando, nohlala othandweni uhlala kuNkulunkulu, noNkulunkulu uhlala kuye.

ISonto, Mashi 11, 2018

Ungasho ukuthi:
“Kwenziwa kanjani ukuba izinsuku zokuqala
zazizinhle kunalezi na?”
Ngokuba awubuzi kanjalo ngokuhlakanipha.

UMgqibelo, Mashi 10, 2018

Imihla ngemihla baqinisela nganhliziyonye ethempelini, bahlephula isinkwa ekhaya, badla ukudla kwabo ngentokozo nangobumhlophe benhliziyo, bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.

ULwesihlanu, Mashi 9, 2018

Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu.

ULwesine, Mashi 8, 2018

Ngiyalindela uJehova,
umphefumulo wami uyalinda;
ngiyalethemba izwi lakhe.

ULwesithathu, Mashi 7, 2018

Sase sizila-ke, sanxusa uNkulunkulu wethu ngalokho, wasizwa.

ULwesibili, Mashi 6, 2018

Khona uJesu wabaphendula wathi: “Imfundiso yami akusiyo eyami kodwa ngeyongithumileyo.”

UMsombuluko, Mashi 5, 2018

Susa kuwe ukuphambana komlomo,
nezindebe eziyisigwegwe uzidedisele kude nawe.

ISonto, Mashi 4, 2018

Ngalokho nani hlalani nilungele, ngokuba iNdodana yomuntu iyakufika ngesikhathi eningasicabangiyo.

UMgqibelo, Mashi 3, 2018

Manibe nhliziyonye; ningazindli okuphakemeyo, kodwa yaneliswani ngokuphansi. Ningazishayi abahlakaniphileyo.

ULwesihlanu, Mashi 2, 2018

Ngazise imendo yakho, Jehova;
ngifundise izindlela zakho.

ULwesine, Mashi 1, 2018

Lowo ovuma ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu, uNkulunkulu uhlala kuye, naye kuNkulunkulu.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ngikhala kuwe Jehova
ngisotweni phansi.
Nkosi, yizwa izwi lami;
izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Thina siyalwazi, sikholwa yilo lolu thando uNkulunkulu analo kithina. UNkulunkulu uluthando, nohlala othandweni uhlala kuNkulunkulu, noNkulunkulu uhlala kuye.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela