DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Ephreli 2018)

UMsombuluko, Ephreli 30, 2018

UJesu wathi kuye: “Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho.”

ISonto, Ephreli 29, 2018

UMoya weNkosi uJehova uphezu kwami,
ngokuba uJehova ungigcobile
ukuba ngishumayele izindaba ezinhle
kwabathotshisiweyo;
ungithumele ukubopha abanhliziyo ezaphukileyo,
nokumemezela ukukhululwa kwabathunjwa
nokuvulelwa kweziboshwa itilongo.

UMgqibelo, Ephreli 28, 2018

Lapho kungekho khona ukululekana,
amasu ayachitheka,
kepha ngobuningi babeluleki ayakuma.

ULwesine, Ephreli 26, 2018

Kodwa okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa.

ULwesithathu, Ephreli 25, 2018

Mbonge uJehova, mphefumulo wami;
konke okuphakathi kwami makubonge igama lakhe elingcwele.

ULwesibili, Ephreli 24, 2018

Unganqotshwa ngokubi, kodwa nqoba okubi ngokuhle.

UMsombuluko, Ephreli 23, 2018

Yebo, bonke abathanda ukuhamba ngokumesaba uNkulunkulu kuKristu Jesu bayakuzingelwa.

ISonto, Ephreli 22, 2018

Lapho kufika ukuziqhenya,
kufika nehlazo;
kepha kwabathobekileyo kukhona ukuhlakanipha.

UMgqibelo, Ephreli 21, 2018

Ngakho abalamukeleyo izwi lakhe babhapathizwa, kwenezelwa ngalowo muhla abantu kungathi izinkulungwane ezintathu.

ULwesihlanu, Ephreli 20, 2018

Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula kimi. Ezweni niyakuba lusizi, kepha yimani isibindi, mina ngilinqobile izwe.

ULwesine, Ephreli 19, 2018

Futhi bonke abantu uNkulunkulu abaphe ingcebo nemfuyo, abanike futhi namandla okudla kukho ukuba bathathe izabelo zabo, bathokoze ngomshikashika wabo lokho kuyisipho sikaNkulunkulu.

ULwesithathu, Ephreli 18, 2018

Funani uJehova namandla akhe,
nifunisise ubuso bakhe njalo.

ULwesibili, Ephreli 17, 2018

Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni, ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele, apheleliselwe yonke imisebenzi emihle.

UMsombuluko, Ephreli 16, 2018

Ngihawukele, Nkulunkulu,
ngokomusa wakho;
yesula iziphambeko zami ngokobubele bakho obukhulu.
Ngigezisise ebubini bami,
ungihlanze esonweni sami.

ISonto, Ephreli 15, 2018

Okokugcina, manibe nhliziyonye nonke, nihawukelane, nithandane ngokwabazalwane, nibe nobubele nokuthobeka.

UMgqibelo, Ephreli 14, 2018

Konke enikwenzayo, noma kungezwi noma kungomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngaye.

ULwesihlanu, Ephreli 13, 2018

Onke amazwi kaNkulunkulu acwebile;
uyisihlangu kwabaphephela kuye.

ULwesine, Ephreli 12, 2018

Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngobuhle engajakadi, khona uyakuphiwa.

ULwesithathu, Ephreli 11, 2018

Ekhanyisiwe amehlo enhliziyo yenu, nize nazi okuyithemba lobizo lwakhe nokuyingcebo yenkazimulo yefa lakhe kubo abangcwele.

ULwesibili, Ephreli 10, 2018

Konke okuphefumulayo makudumise uJehova.
Haleluya!

UMsombuluko, Ephreli 9, 2018

Kepha iNkosi mayiqondise izinhliziyo zenu othandweni lukaNkulunkulu nasekubekezeleni kukaKristu.

ISonto, Ephreli 8, 2018

UFiliphu wathi kuye: “Nkosi, sikhombise uYihlo, kusanele.”

UMgqibelo, Ephreli 7, 2018

Wenzile konke kube kuhle esikhathini sakho, ubekile nokuphakade ezinhliziyweni zabo; nokho umuntu angefumane umsebenzi awenzile uNkulunkulu kwasekuqaleni kuze kube sekupheleni.

ULwesihlanu, Ephreli 6, 2018

Ngalokho ngithi kini: Konke enikukhulekelayo nenikucelayo, kholwani ukuthi nikwamukele, nizakuba nakho.

ULwesine, Ephreli 5, 2018

Ukuhloba kwenu makungabi ngokungaphandle, okokwaluka izinwele, nokokufaka igolide, noma okokugqoka izingubo, kepha makube ngumuntu osithekileyo wenhliziyo ohloba ngokungabhubhiyo komoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu.

ULwesithathu, Ephreli 4, 2018

Nkulunkulu, wena unguNkulunkulu wami,
ngiyakufuna ekuseni;
umphefumulo wami womele wena;
inyama yami ilangazelela wena
ezweni elomileyo eligagadekileyo,
lapho amanzi engekho khona.

ULwesibili, Ephreli 3, 2018

Kodwa uma sithemba lokho esingakuboniyo, siyakulindela ngokubekezela.

UMsombuluko, Ephreli 2, 2018

Ngiyakufaka umoya wami phakathi kwenu, ngenze ukuba nihambe ngezimiso zami; niyakugcina izahlulelo zami, nizenze.

ISonto, Ephreli 1, 2018

Khona wayesengena nomfundi omunye ofike kuqala ethuneni, wabona, wakholwa; ngokuba bebengakawuqondi umbhalo wokuthi ubefanele ukuvuka kwabafileyo.

Amavesi eBhayibheli osuku

Kepha phezu kwakho konke lokho yembathani uthando oluyisibopho sokuphelela.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Owesifazane angakhohlwa umntwana wakhe oncelayo
ukuba angabi namusa kuyo indodana yesizalo sakhe na?
Yebo, bona bangakhohlwa,
kodwa mina anginakukukhohlwa wena.
Bheka, ezandleni zami ngikubhalile,
izingange zakho ziphambi kwami njalo.
Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela