ULwesine, Meyi 31, 2018
Ubusisiwe osiphambeko sakhe sithethelelwe,osono sakhe sisibekelwe.
ULwesithathu, Meyi 30, 2018
Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede ungabi nasisihla, ngokuba izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela.ULwesibili, Meyi 29, 2018
Yilowo nalowo anikele njengalokho azikhethele khona enhliziyweni, kungabi ngokudabuka nangokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikelayo ethokoza.UMsombuluko, Meyi 28, 2018
Emini uJehova uyaleza umusa wakhe;ebusuku isihlabelelo sakhe sikimi,
ngikhuleke kuNkulunkulu wokuphila kwami.
ISonto, Meyi 27, 2018
Izwe liyadlula kanye nenkanuko yalo; kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.UMgqibelo, Meyi 26, 2018
Kepha yena ohlola izinhliziyo uyakwazi okuqondwa nguMoya, ngokuba ukhulumela abangcwele ngokwentando kaNkulunkulu.ULwesihlanu, Meyi 25, 2018
Ngikufunile ngenhliziyo yami yonke;mangingaphambuki emiyalweni yakho.
ULwesine, Meyi 24, 2018
Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo, kungathi kwenzelwa iNkosi, qha abantu, nazi ukuthi niyakwamukela umvuzo wefa eNkosini. Khonzani iNkosi uKristu.ULwesithathu, Meyi 23, 2018
Baqinisela njalo esifundisweni sabaphostoli, nasekuhlanganeni, nasekuhlephuleni isinkwa, nasemikhulekweni.ULwesibili, Meyi 22, 2018
Ubuhle buyinkohliso,nokubukeka kuyize,
kepha owesifazane owesaba uJehova uyakudunyiswa.
UMsombuluko, Meyi 21, 2018
Ngalokho siyazi ukuthi sihlala kuye, naye kithi, ngokuba usiphile okukaMoya wakhe.ISonto, Meyi 20, 2018
Kwathi sebekhulekile, kwazanyazanyiswa indawo lapho bebebuthene khona, bagcwaliswa bonke nguMoya oNgcwele, bakhuluma izwi likaNkulunkulu ngesibindi.UMgqibelo, Meyi 19, 2018
Yena owakhile ekusithekeni koPhezukonkenohlezi emthunzini kaSomandla
uthi kuJehova: “Uyisiphephelo sami nenqaba yami
noNkulunkulu wami engimethembayo.”
ULwesihlanu, Meyi 18, 2018
Uthando malungabi nakuzenzisa; nenyanye okubi, nibambelele kokuhle.ULwesine, Meyi 17, 2018
Ngokuba njengalokhu sinezitho eziningi emzimbeni munye, kepha izitho zonke azinamsebenzi munye, kanjalo thina esibaningi simzimba munye kuKristu, kepha ngabanye siyizitho, omunye esomunye.ULwesithathu, Meyi 16, 2018
Futhi ngabona wonke umshikashika nakho konke okwenziwe ngekhono ukuthi kungumhawu womuntu ngomakhelwane wakhe. Nalokho kuyize nokufuna umoya.ULwesibili, Meyi 15, 2018
UJesu wathi kuye: “Mina ngingukuvuka nokuphila; okholwa yimi, noma efa, wophila. Nalowo ophila, akholwe yimi, kasoze afa naphakade. Uyakholwa yilokho na?”UMsombuluko, Meyi 14, 2018
Ningahluleli, khona anisoze nahlulelwa; ningalahli, khona anisoze nalahlwa; thethelelani, khona niyakuthethelelwa.ISonto, Meyi 13, 2018
Yini ukuba udangale,mphefumulo wami,
uyaluze phakathi kwami, na?
Methembe uNkulunkulu,
ngokuba ngisezakumdumisa yena
oyinsindiso yobuso bami noNkulunkulu wami.
UMgqibelo, Meyi 12, 2018
Ningaphindisi okubi ngokubi nokuthuka ngokuthuka, kepha kakhulu manibusise, ngokuba nabizelwa lokho ukuba nidle ifa lokubusiswa.ULwesihlanu, Meyi 11, 2018
Imfuyo etholakala kalula iyancipha,kepha obutha kancane kancane uyandiselwa.
ULwesine, Meyi 10, 2018
Wabahola, baze bafika ngaseBethaniya, waphakamisa izandla zakhe, wababusisa. Kwathi esababusisa, wahlukana nabo, wenyuselwa ezulwini.ULwesithathu, Meyi 9, 2018
Wayesethi kubo: “Bhekani, nixwaye ukuhaha konke, ngokuba ukuphila komuntu akumi ngobuningi bempahla yakhe.”ULwesibili, Meyi 8, 2018
Ngiyeza masinyane; bambisisa lokho onakho, ukuze kungabikho muntu okwamuka umqhele wakho.UMsombuluko, Meyi 7, 2018
Ngamfuna uJehova, wangiphendula;wangikhulula kulo lonke uvalo lwami.
ISonto, Meyi 6, 2018
Kepha hambani nifunde ukuba kuthini ukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshelo.’ Ngokuba angizanga ukubiza abalungileyo kepha izoni ukuba ziphenduke.UMgqibelo, Meyi 5, 2018
Ngokuba sesingabahlanganyela kuKristu, uma sibambisisa ithemba lethu lokuqala kuze kube sekupheleni.ULwesihlanu, Meyi 4, 2018
Uyaphilisa abenhliziyo echobozekileyo;izilonda zabo uyazibopha.
ULwesine, Meyi 3, 2018
Kuze kube kalokhu anicelanga lutho egameni lami. Celani, niyakwamukeliswa ukuba intokozo yenu igcwale.ULwesithathu, Meyi 2, 2018
Qiniselani ekukhulekeni, nilinde kukho ninokubonga.ULwesibili, Meyi 1, 2018
Kungcono ababili kunoyedwa,ngokuba banomvuzo omkhulu ngomshikashika wabo.
Izihloko ezihlobene
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ngiyethemba
“Ngokuba ngiyazi mina imicabango...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Umndeni
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Khulekela
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
Umkhuleko
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Amavesi eBhayibheli osuku
Amabhongo ezingonyama ayaswela, alambe,kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle.
Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Bongani uJehova, ngokuba muhle,ngokuba umusa wakhe umi phakade.Ivesi elilandelayo