DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Juni 2018)

UMgqibelo, Juni 30, 2018

Ngokuba uma bewa,
omunye uyavusa umngane wakhe;
kepha maye kuye oyedwa lapho ewa,
engenawesibili wokumvusa!

ULwesihlanu, Juni 29, 2018

Siyazi ukuthi kwabamthandayo uNkulunkulu konke kusebenzelana kube ngokuhle, kulabo ababiziweyo ngecebo lakhe.

ULwesine, Juni 28, 2018

Bongani uJehova, ngokuba muhle,
ngokuba umusa wakhe umi phakade.

ULwesithathu, Juni 27, 2018

Ngokuziqhenya kuvela ukuxabana kuphela,
kepha kwabalulekwayo kukhona ukuhlakanipha.

ULwesibili, Juni 26, 2018

Ukulaya konke okwamanje kungathi akusikho okwentokozo, kepha kungokosizi, kodwa ngasemuva kuyabathelela isithelo esihle sokulunga labo abahlakahliswe yikho.

UMsombuluko, Juni 25, 2018

Thokozani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: Thokozani!

ISonto, Juni 24, 2018

Umphefumulo wami uzithulele kuNkulunkulu kuphela;
insindiso yami ivela kuye.

UMgqibelo, Juni 23, 2018

Ekukhuthaleni ningenqeni, nivuthe emoyeni, nikhonze iNkosi.

ULwesihlanu, Juni 22, 2018

Ngokuba kithina uNkulunkulu ukwambulile ngoMoya; ngokuba uMoya uhlolisisa konke, yebo, nokujulileyo kukaNkulunkulu.

ULwesine, Juni 21, 2018

Jehova, uyangihlolisisa, uyangazi.
Uyakwazi ukuhlala kwami nokuvuka kwami,
uqonda umcabango wami ukude.

ULwesithathu, Juni 20, 2018

Niyakuhamba emva kukaJehova uNkulunkulu wenu, nimesabe, niyigcine imiyalo yakhe, nililalele izwi lakhe, nimkhonze, ninamathele kuye.

ULwesibili, Juni 19, 2018

Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKristu, senihluphekile isikhashana, yena uqobo uyakuniphelelisa, aniqinise, aninike amandla, anisekele.

UMsombuluko, Juni 18, 2018

Konke kunesikhathi sakho,
yonke indaba inomzuzu wayo phansi kwezulu.

ISonto, Juni 17, 2018

UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.”

UMgqibelo, Juni 16, 2018

Ngokuba ngumuphi kubantu owazi okomuntu, uma kungesiye umoya womuntu okuye na? Ngokunjalo nokukaNkulunkulu akwaziwa muntu, kuphela nguMoya kaNkulunkulu.

ULwesihlanu, Juni 15, 2018

Kepha wena Jehova uyisihlangu kimi,
uludumo lwami nophakamisa ikhanda lami.

ULwesine, Juni 14, 2018

Makungaphumi emlonyeni wenu nalinye izwi elibolileyo, kodwa kube ngelilungele ukwakha njengokuswelekileyo, ukuze libavezele umusa abezwayo.

ULwesithathu, Juni 13, 2018

Xwayani, bazalwane, ukuba nakoyedwa kini kungabikho nhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa kuNkulunkulu ophilayo.

ULwesibili, Juni 12, 2018

Jehova, ekuseni uyalizwa izwi lami;
ekuseni ngiyakuzibika kuwe, ngilinde.

UMsombuluko, Juni 11, 2018

Ngakho-ke nxa wabela isipho, ungakhalisi icilongo phambi kwakho, njengalokhu kwenza abazenzisi emasinagogeni nasemigwaqweni ukuba badunyiswe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewamukele umvuzo wabo.

ISonto, Juni 10, 2018

Ngakho wena mntanami, yiba namandla emseni okuKristu Jesu.

UMgqibelo, Juni 9, 2018

Babusisiwe abagcina ubufakazi bakhe,
abamfuna ngenhliziyo yonke.

ULwesihlanu, Juni 8, 2018

Ngijonge emgomeni, emklomelweni wokubizwa okukhulu kwaphezulu nguNkulunkulu kuJesu Kristu.

ULwesine, Juni 7, 2018

Sithandwa, kunakho konke ngikufisela ukuba ube nenhlanhla nokuphila, njengokuba umphefumulo wakho unenhlanhla.

ULwesithathu, Juni 6, 2018

Kwathi ngithule, amathambo ami aguga
ngokububula kwami usuku lonke.

ULwesibili, Juni 5, 2018

Ngakho uJesu waphinda wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngingukukhanya kwezwe; ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa woba nokukhanya kokuphila.”

UMsombuluko, Juni 4, 2018

Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo kuphela, nizikhohlisa.

ISonto, Juni 3, 2018

Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho, uzakukuphasa;
akayikuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe.

UMgqibelo, Juni 2, 2018

Niklebhule inhliziyo yenu,
hhayi izingubo zenu,
niphendukele kuJehova uNkulunkulu wenu,
ngokuba yena unomusa,
unobumnene,
wephuza ukuthukuthela,
unesihe esikhulu,
uhawukela nomubi.

ULwesihlanu, Juni 1, 2018

UJesu ebabheka wathi: “Kubantu akunakwenzeka, kepha kuNkulunkulu akunjalo; ngokuba kuNkulunkulu kungenzeka konke.”

Amavesi eBhayibheli osuku

Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuba samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Ngakho-ke bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, kungabi njengabangahlakaniphile kepha njengabahlakaniphileyo, nithengisise isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela