DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Meyi 2017)

ULwesithathu, Meyi 31, 2017

Kepha phezu kwakho konke lokho yembathani uthando oluyisibopho sokuphelela.

ULwesibili, Meyi 30, 2017

Nokho nginguJehova uNkulunkulu wakho
kwasezweni laseGibithe;
ngaphandle kwami awazi Nkulunkulu,
nomsindisi akakho ngaphandle kwami.

UMsombuluko, Meyi 29, 2017

Kepha umusa kaJehova uphezu kwabamesabayo kwaphakade kuze kube phakade,
nokulunga kwakhe kubantwana babantwana,
kubo abagcina isivumelwano sakhe
bekhumbula iziyalezo zakhe ukuba bazenze.

ISonto, Meyi 28, 2017

Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuba samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.

UMgqibelo, Meyi 27, 2017

Bheka, ngiyeza masinyane, nomvuzo wami unami ukumnika yilowo nalowo njengokomsebenzi wakhe.

ULwesihlanu, Meyi 26, 2017

Ukwambulwa kwamazwi akho kuyakhanyisa,
yebo, kuyabaqondisa abangenalwazi.

ULwesine, Meyi 25, 2017

Bathi besagqolozela ezulwini emuka, bheka, amadoda amabili ayemi kubo, embethe izingubo ezimhlophe, athi: “Madoda aseGalile, nimeleni nibheka ezulwini na? UJesu lo, osuswe kini enyuselwa ezulwini, uyakuza kanjalo, njengalokho nimbonile eya ezulwini.”

ULwesithathu, Meyi 24, 2017

UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi kwakho,
iqhawe eliyakukusindisa;
uyakujabula ngawe ngentokozo,
athule othandweni lwakhe,
ethabe ngawe ngokuhlabelela.

ULwesibili, Meyi 23, 2017

Uma umuntu esho ukuthi: “Ngiyamthanda uNkulunkulu,” kepha ezonda umzalwane wakhe, ungumqambimanga; ngokuba ongathandi umzalwane wakhe ambonileyo angemthande uNkulunkulu angambonanga.

UMsombuluko, Meyi 22, 2017

Kubo ubuninginingi bemicabango yenhliziyo yami
ukududuza kwakho kwathokozisa umphefumulo wami.

ISonto, Meyi 21, 2017

Nazi ukuthi ukuvivinywa kokukholwa kwenu kuveza ukukhuthazela.

UMgqibelo, Meyi 20, 2017

Kepha uJesu ekuzwa lokho wamphendula wathi: “Ungesabi, kholwa kuphela; izakusinda.”

ULwesihlanu, Meyi 19, 2017

Zonke izindlela zomuntu zilungile emehlweni akhe,
kepha uJehova ulinganisa izinhliziyo.

ULwesine, Meyi 18, 2017

Thandanani ngenhliziyo ngothando lobuzalwane; ekwazisaneni nandulelane.

ULwesithathu, Meyi 17, 2017

Kangizelanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni ukuba ziphenduke.

ULwesibili, Meyi 16, 2017

Thula phambi kukaJehova,
ulindele yena;
ungakhathazeki ngonenhlanhla endleleni yakhe,
ngomuntu osongoza amacebo amabi.

UMsombuluko, Meyi 15, 2017

Ngalokho zithobeni phansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla, ukuze aniphakamise ngesikhathi esifaneleyo.

ISonto, Meyi 14, 2017

Niphulukise abagulayo abakuwo, nithi kubo: ‘Umbuso kaNkulunkulu usondele kini.’

UMgqibelo, Meyi 13, 2017

Babusisiwe abaqotho endleleni,
abahamba ngemithetho kaJehova.

ULwesihlanu, Meyi 12, 2017

Babusisiwe abalamulayo,
ngokuba bayakuthiwa abantwana bakaNkulunkulu.

ULwesine, Meyi 11, 2017

Ngokuba amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo,
izindlebe zayo zisekunxuseni kwabo,
kepha ubuso beNkosi buphezu kwabenza okubi.

ULwesithathu, Meyi 10, 2017

Wozani; masikhuleke, sikhothame,
siguqe phambi kukaJehova,
uMenzi wethu.

ULwesibili, Meyi 9, 2017

UJesu wayesethi: “Vumelani abantwana, ningabenqabeli ukuza kimi, ngokuba umbuso wezulu ungowabanjalo.”

UMsombuluko, Meyi 8, 2017

Phendukani, nibuye ezeqweni zenu zonke, ububi bungabi yisikhubekiso senu.

ISonto, Meyi 7, 2017

Nasi isihlupheki esakhala,
uJehova wezwa,
wasikhulula kuzo zonke izinhlupheko zaso.

UMgqibelo, Meyi 6, 2017

Ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube ngukulunga, ngomlomo uyavuma kube ngukusindiswa.

ULwesihlanu, Meyi 5, 2017

Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho futhi elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.

ULwesine, Meyi 4, 2017

UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu;
ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.

ULwesithathu, Meyi 3, 2017

Niyakungibiza, niye ukukhuleka kimi, ngiyakunizwa.

ULwesibili, Meyi 2, 2017

Elokugcina, bazalwane, thokozani, nipheleliswe, niduduzwe, nibe nhliziyonye, nibe nokuthula; khona uNkulunkulu wothando nokuthula uyakuba nani.

UMsombuluko, Meyi 1, 2017

Lapho ngithe unyawo lwami luyashelela,
umusa wakho, Jehova, wangiphasa.

Amavesi eBhayibheli osuku

Owephuza ukuthukuthela muhle kuneqhawe,
nobusa umoya wakhe kunonqoba umuzi.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Ukuthula kukaKristu makubuse ezinhliziyweni zenu, enabizelwa futhi kukho emzimbeni munye; futhi yibani ngababongayo.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela