DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Juni 2019)

ISonto, Juni 30, 2019

Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuba samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.

UMgqibelo, Juni 29, 2019

Kepha phezu kwakho konke lokho yembathani uthando oluyisibopho sokuphelela.

ULwesihlanu, Juni 28, 2019

Ngokuba umusa wakho umnandi kunokuphila;
izindebe zami ziyakukudumisa.
Ngiyakukubonga ngisaphila;
ngiyakuphakamisa izandla zami egameni lakho.

ULwesine, Juni 27, 2019

Onqobayo uyakwembathiswa kanjalo izingubo ezimhlophe, negama lakhe angisoze ngalesula encwadini yokuphila, negama lakhe ngiyakulivuma phambi kukaBaba naphambi kwezingelosi zakhe.

ULwesithathu, Juni 26, 2019

Njengezingane ezisand' ukuzalwa langazelelani ubisi olungokomoya olungenakonakala, ukuze nikhule ngalo kube ngukusindiswa.

ULwesibili, Juni 25, 2019

Kungcono kangakanani ukuzuza ukuhlakanipha kunegolide;
yebo, ukuzuza ukuqonda nga kukhethwa kunesiliva.

UMsombuluko, Juni 24, 2019

Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibalaye; ngakho-ke shisekela uphenduke.

UMgqibelo, Juni 22, 2019

Kubo ubuninginingi bemicabango yenhliziyo yami
ukududuza kwakho kwathokozisa umphefumulo wami.

ULwesihlanu, Juni 21, 2019

Le ncwadi yomthetho mayingasuki emlonyeni wakho, kepha wozindla ngayo imini nobusuku ukuba uqaphele ukwenza njengakho konke okulotshwe kuyo, ngokuba lapho uyakuhlahlamelisa indlela yakho, uphumelele kahle.

ULwesine, Juni 20, 2019

Thandanani ngenhliziyo ngothando lobuzalwane; ekwazisaneni nandulelane.

ULwesithathu, Juni 19, 2019

Ukuphelela kwabaqotho kuyabahola,
kepha ukuphambanisa kwabambuluzayo kuyabachitha.

ULwesibili, Juni 18, 2019

Nazi ukuthi ukuvivinywa kokukholwa kwenu kuveza ukukhuthazela.

UMsombuluko, Juni 17, 2019

Konke kwavela ngaye; ngaphandle kwakhe akuvelanga lutho kukho konke okuvelileyo.

ISonto, Juni 16, 2019

Njengoyise ehawukela abantwana bakhe,
kanjalo uJehova uyabahawukela abamesabayo.

UMgqibelo, Juni 15, 2019

Wokwazi enhliziyweni yakho ukuthi njengalokhu umuntu elaya indodana yakhe, kanjalo uJehova uNkulunkulu wakho uyakulaya wena.

ULwesihlanu, Juni 14, 2019

Ukubekezela kwenu akwaziwe ngabantu bonke; iNkosi iseduze.

ULwesine, Juni 13, 2019

Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha,
kepha umngane weziwula uyakushoshozelwa yizo.

ULwesithathu, Juni 12, 2019

Ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube ngukulunga, ngomlomo uyavuma kube ngukusindiswa.

ULwesibili, Juni 11, 2019

Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho futhi elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.

UMsombuluko, Juni 10, 2019

Umvuzo wokuthobeka kokumesaba uJehova
uyingcebo, nodumo, nokuphila.

ISonto, Juni 9, 2019

Kwathi sekufikile usuku lwePhentekoste, bonke babebuthene ndawonye. Ngokungazelelwe kwavela ezulwini inhlokomo kwangathi eyokuvunguza komoya onamandla; yona yagcwalisa indlu yonke ababehlezi kuyo.

UMgqibelo, Juni 8, 2019

UJesu wayesethi: “Vumelani abantwana, ningabenqabeli ukuza kimi, ngokuba umbuso wezulu ungowabanjalo.”

ULwesihlanu, Juni 7, 2019

Lapho ngithe unyawo lwami luyashelela,
umusa wakho, Jehova, wangiphasa.

ULwesine, Juni 6, 2019

UNkulunkulu akazange abonwe muntu; uma sithandana, uNkulunkulu uhlala kithi, nothando lwakhe luphelele kithi.

ULwesithathu, Juni 5, 2019

Wasisindisa kungengamisebenzi yokulunga esayenzayo thina kepha ngokwesihawu sakhe ngesigezo sokuphindukuzalwa nokwenziwa sibe basha ngoMoya oNgcwele.

ULwesibili, Juni 4, 2019

Ukwenza ukulunga nokwahlulela
kukhethekile kuJehova kunemihlatshelo.

UMsombuluko, Juni 3, 2019

Ningabi nacala lani nakubani, kuphela elokuthandana; ngokuba othanda omunye uwugcwalisile umthetho.

ISonto, Juni 2, 2019

Ngobakho, Jehova, ubukhulu, namandla, nodumo, nenkazimulo, nobukhosi, ngokuba konke okusezulwini nasemhlabeni kungokwakho; ngowakho umbuso, Jehova; wena uphakeme, uyinhloko phezu kwakho konke.

UMgqibelo, Juni 1, 2019

UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu;
ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ithemba labalungileyo liyakuba yintokozo,
kepha abakwethembayo ababi kuyakubhubha.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Kepha uNkulunkulu unamandla okunipha umusa wonke uvame, ukuze kuthi ninokwanela konke ezintweni zonke ngezikhathi zonke, nivame imisebenzi yonke emihle.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela