DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Agasti 2021)

ULwesibili, Agasti 31, 2021

Niyakusho ngalolo suku ukuthi:
“Bongani uJehova,
nibize igama lakhe,
nizazise izenzo zakhe phakathi kwezizwe,
nimemezele ukuthi igama lakhe liphakeme.”

UMsombuluko, Agasti 30, 2021

Ngokuba okokuqala nganinika lokho engakwamukela nami ukuthi uKristu wafa ngenxa yezono zethu njengokwemibhalo, nokuthi wembelwa, nokuthi wavuswa kwabafileyo ngosuku lwesithathu njengokwemibhalo.

ISonto, Agasti 29, 2021

UNkulunkulu wamdala umuntu ngomfanekiso wakhe; wamdala ngomfanekiso kaNkulunkulu; wabadala owesilisa nowesifazane.

UMgqibelo, Agasti 28, 2021

Impela okuhle nomusa kuyakungilandela
imihla yonke yokuphila kwami;
ngiyakuhlala endlini kaJehova kuze kube phakade.

ULwesihlanu, Agasti 27, 2021

Kodwa, bathandekayo, maningakhohlwa lento inye yokuthi kuyo iNkosi usuku lunye lunjengeminyaka eyinkulungwane nokuthi iminyaka eyinkulungwane injengosuku lunye.

ULwesine, Agasti 26, 2021

Akuseyimi ophilayo, kepha uKristu uphila kimi; kodwa ukuphila engikuphilayo kalokhu enyameni ngikuphila ngokukholwa, okungukukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami.

ULwesithathu, Agasti 25, 2021

Ngaphambi kokubhujiswa inhliziyo yomuntu iyaziqhenya;
ukuthobeka kwandulela udumo.

ULwesibili, Agasti 24, 2021

Ukukhonza okumhlophe okungenabala phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo nokuzigcina kungabi yicala lokwezwe.

UMsombuluko, Agasti 23, 2021

Inkosi yakhe yathi kuye: ‘Kuhle, nceku enhle nethembekileyo, uthembekile ezintweni eziyingcosana; ngizakukubeka phezu kokuningi; ngena ekuthokozeni kwenkosi yakho.’

ISonto, Agasti 22, 2021

UNkulunkulu uyasibusisa;
imikhawulo yonke yomhlaba iyakumesaba.

UMgqibelo, Agasti 21, 2021

Bazalwane, uma umuntu ehlelwa yisiphambeko, nina bomoya mbuyiseni onjalo ngomoya wobumnene; uzibheke wena, funa uyengwe nawe.

ULwesihlanu, Agasti 20, 2021

Ngalokho-ke ukukholwa kuvela ngokuzwa, ukuzwa kuvela ngezwi likaKristu.

ULwesine, Agasti 19, 2021

Ngokuba uJehova ungumahluleli wethu,
uJehova ungumenzi wemithetho yethu,
uJehova uyinkosi yethu;
uyakusisindisa.

ULwesithathu, Agasti 18, 2021

UJesu wathi kuye: “Ngokuba ungibonile, ukholiwe na? Babusisiwe abakholwa bengabonanga.”

ULwesibili, Agasti 17, 2021

Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu; akuveli ngemisebenzi, ukuze kungabikho ozibongayo.

UMsombuluko, Agasti 16, 2021

Umuntu uyathokoza ngokuphendula komlomo wakhe,
nezwi ngesikhathi salo lihle kangakanani!

ISonto, Agasti 15, 2021

Wayesebiza isixuku nabafundi bakhe, wathi kubo: “Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele.”

UMgqibelo, Agasti 14, 2021

Ngokuba okungabonwayo kwakhe, kuthi amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe kubonakala kwasekudalweni kwezwe, ngokuba kuqondakala ngezenzo zakhe, ukuze bangabi nakuzilandulela.

ULwesihlanu, Agasti 13, 2021

Deda kukho okubi, wenze okuhle;
funa ukuthula, ukujonge.

ULwesine, Agasti 12, 2021

Mina ngingumvini, nina ningamagatsha; ohlala kimi, nami kuye, lowo uthela izithelo eziningi; ngokuba ngaphandle kwami ningenze lutho.

ULwesithathu, Agasti 11, 2021

Malume njalo uthando lobuzalwane. Ningakhohlwa ukungenisa izihambi ngokuba ngalokho abanye bangenisa izingelosi bengazi.

ULwesibili, Agasti 10, 2021

Ngomlomo umuntu
ongenaNkulunkulu ubulala umakhelwane wakhe,
kepha abalungileyo bayakhululwa ngokwazi.

UMsombuluko, Agasti 9, 2021

Odangeleyo nga ehawukelwa ngumngane wakhe;
kepha ukumesaba uSomandla kuyayekwa.

ISonto, Agasti 8, 2021

Kepha nakhu: ohlwanyela ingcosana uyakuvuna ingcosana, nohlwanyela kakhulu uyakuvuna kakhulu.

UMgqibelo, Agasti 7, 2021

Amehlo kaJehova akubo abalungileyo;
izindlebe zakhe zikukho ukukhala kwabo.

ULwesihlanu, Agasti 6, 2021

Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla kuYise wokukhanya okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.

ULwesine, Agasti 5, 2021

Kepha uJesu ebabheka wathi kubo: “Kubantu akunakwenzeka; kepha kuNkulunkulu kungenzeka konke.”

ULwesithathu, Agasti 4, 2021

Oqondileyo uyabona ububi, acashe,
kepha abangenalwazi badlula nje, bahlupheke ngakho.

ULwesibili, Agasti 3, 2021

Uthando alwenzi okubi kumakhelwane; ngakho-ke uthando lungukugcwaliseka komthetho.

UMsombuluko, Agasti 2, 2021

Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi bayizimpisi eziphangayo.

ISonto, Agasti 1, 2021

Uthanda ukulunga nokwahlulela;
umhlaba ugcwele umusa kaJehova.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ngokuba njengalokho izinhlupheko zikaKristu zivamile kithi, kanjalo nokududuzeka kwethu kuvamile ngoKristu.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Masibambisise isivumo sethemba lethu singaxegi, ngokuba ukholekile lowo owethembisayo.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela