DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Septhemba 2021)

ULwesine, Septhemba 30, 2021

Ngidlile ifa lobufakazi bakho kuze kube phakade,
ngokuba kuyintokozo yenhliziyo yami.

ULwesithathu, Septhemba 29, 2021

“Mina ngingu-Alfa no-Omega,” kusho iNkosi uNkulunkulu, “okhona nowayekhona nozayo, uMninimandla onke.”

ULwesibili, Septhemba 28, 2021

Niyakungibiza, niye ukukhuleka kimi, ngiyakunizwa.

UMsombuluko, Septhemba 27, 2021

Ungabi ngohlakaniphileyo emehlweni akho;
mesabe uJehova, udede ebubini.
Lokho kuyakuba yimpilo emzimbeni wakho
nokuhlunyelelwa kwamathambo akho.

ISonto, Septhemba 26, 2021

Ngokuba njengalokho izinhlupheko zikaKristu zivamile kithi, kanjalo nokududuzeka kwethu kuvamile ngoKristu.

UMgqibelo, Septhemba 25, 2021

Ngokuba lapho kukhona ingcebo yakho, nenhliziyo yakho iyakuba khona lapho.

ULwesihlanu, Septhemba 24, 2021

Ungasiphi thina, Jehova,
ungasiphi thina,
kepha uliphe igama lakho inkazimulo
ngenxa yomusa wakho nangenxa yeqiniso lakho.

ULwesine, Septhemba 23, 2021

UJehova unani, uma ninaye; uma nimfuna, uyakufunyanwa yinina; kepha uma nimshiya, uyakunishiya nani.

ULwesithathu, Septhemba 22, 2021

Lindani, nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni; umoya uyavuma, kepha inyama ibuthakathaka.

ULwesibili, Septhemba 21, 2021

UJehova muhle, uyinqaba ngosuku lwenhlupheko,
uyabazi abaphephela kuye.

UMsombuluko, Septhemba 20, 2021

Ngakho-ke noma nidla, noma niphuza, noma nenzani, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu.

ISonto, Septhemba 19, 2021

UJehova nguye ohamba phambi kwakho; uyakuba nawe; akayikukuyeka, akushiye; ungesabi, ungabi nangebhe.

UMgqibelo, Septhemba 18, 2021

UJehova uyakufeza okwami;
Jehova, umusa wakho umi phakade;
ungashiyi imisebenzi yezandla zakho.

ULwesihlanu, Septhemba 17, 2021

Akakho onothando olukhulu kunalolo lokuba adele ukuphila kwakhe ngenxa yabahlobo bakhe.

ULwesine, Septhemba 16, 2021

Nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye; njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani.

ULwesithathu, Septhemba 15, 2021

Owephuza ukuthukuthela muhle kuneqhawe,
nobusa umoya wakhe kunonqoba umuzi.

ULwesibili, Septhemba 14, 2021

Yilwa ukulwa okuhle kokukholwa, ubambelele ekuphileni okuphakade owabizelwa kukho, wavuma ukuvuma okuhle phambi kofakazi abaningi.

UMsombuluko, Septhemba 13, 2021

Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula.

ISonto, Septhemba 12, 2021

Awazi yini? Awuzwanga na?
UJehova unguNkulunkulu ongunaphakade;
udalile imikhawulo yomhlaba;
akapheli amandla, akakhathali,
nokuqonda kwakhe akunakuphenywa.

UMgqibelo, Septhemba 11, 2021

Kepha ozibongayo makazibonge eNkosini. Ngokuba akusiye ozincomayo ovunywa abongwe, kepha yilowo iNkosi emncomayo.

ULwesihlanu, Septhemba 10, 2021

Oyakuvuza yilowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe.

ULwesine, Septhemba 9, 2021

Ngihole, Nkulunkulu,
wazi inhliziyo yami;
ngilinge, wazi imicabango yami,
ubone, uma kukhona indlela yosizi kimi,
ungiholele endleleni yaphakade.

ULwesithathu, Septhemba 8, 2021

Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukusindisa.

ULwesibili, Septhemba 7, 2021

Bathandekayo, masithandane, ngokuba uthando luvela kuNkulunkulu, nabo bonke abathandayo bazelwe nguNkulunkulu, bayamazi uNkulunkulu.

UMsombuluko, Septhemba 6, 2021

Inhliziyo eqinileyo uyayilinda ngokuthula okupheleleyo,
ngokuba yethemba kuwe.

ISonto, Septhemba 5, 2021

Ngakho-ke konke enikukhuluma ebumnyameni kuyakuzwiwa ekukhanyeni, nalokho enikukhuluma endlebeni emakamelweni kuyakumenyezelwa phezu kwezindlu.

UMgqibelo, Septhemba 4, 2021

Ngokuba njengalokhu ku-Adamu bonke bayafa, ngokunjalo futhi kuKristu bonke bayakuphiliswa.

ULwesihlanu, Septhemba 3, 2021

Ngokuba umusa wakho mkhulu kuze kube sezulwini,
nokuthembeka kwakho kuze kube semafwini.

ULwesine, Septhemba 2, 2021

Onemiyalo yami ayigcine, nguyena ongithandayo; ongithandayo uyakuthandwa nguBaba, nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye.

ULwesithathu, Septhemba 1, 2021

UNkulunkulu unguMoya; abakhuleka kuye bafanele ukukhuleka ngomoya nangeqiniso.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ukwesaba abantu kubeka ugibe,
kepha owethemba uJehova uyalondeka.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Ngokuba lapho kubuthene ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela