DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Septhemba 2015)

ULwesithathu, Septhemba 30, 2015

Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika nhlangothi zombili, lihlaba kuze kwahlukaniswe umphefumulo nomoya, amalungu nomnkantsha, lahlulela imicabango nezizindlo zenhliziyo.

ULwesibili, Septhemba 29, 2015

Kepha abafuna ukuceba bayela ekulingweni, nasesihibeni, nasezinkanukweni eziningi zobuwula ezilimazayo, ezishonisa abantu ekufeni nasekubhujisweni.

UMsombuluko, Septhemba 28, 2015

Yizwani nibone ukuthi uJehova muhle;
ubusisiwe lowo muntu ophephela kuye.

ISonto, Septhemba 27, 2015

Yena uyinhlawulo ngezono zethu, kungengezethu zodwa kodwa nangezezwe lonke.

UMgqibelo, Septhemba 26, 2015

Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela,
nalo lonke ulimi olukuvukelayo luyakwahlulelwa;
lokhu kuyifa lezinceku zikaJehova
nokulunga kwazo okuvela kimi, usho uJehova.

ULwesihlanu, Septhemba 25, 2015

Ngiyalindela uJehova,
umphefumulo wami uyalinda;
ngiyalethemba izwi lakhe.

ULwesine, Septhemba 24, 2015

Yebo, lo myalo sinawo, uvela kuNkulunkulu, wokuthi othanda uNkulunkulu makathande nomzalwane wakhe.

ULwesithathu, Septhemba 23, 2015

Ngokuba iNkosi isiyalezile kanjalo ukuthi:
“ ‘Ngikubekile ube ngukukhanya kwabezizwe,
ube yinsindiso kuze kube semkhawulweni womhlaba.’ ”

ULwesibili, Septhemba 22, 2015

Ngokuba izwi likaJehova lilungile;
zonke izenzo zakhe ziyakholeka.

UMsombuluko, Septhemba 21, 2015

Yala abacebileyo kuleli zwe lamanje ngokuthi bangakhukhumali, bangathembeli engcebeni engemiyo, kepha mabathembele kuNkulunkulu osicebisa ngakho konke, sithokoze ngakho.

ISonto, Septhemba 20, 2015

Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo oyakuthi kule ntaba: ‘Nqukuleka, uphonseke elwandle,’ engangabazi enhliziyweni yakhe kepha ekholwa ukuthi lokho akushoyo kuyenzeka, uzakuba nakho.

UMgqibelo, Septhemba 19, 2015

Ukukhathazeka enhliziyweni yomuntu kuyayithobisa,
kepha izwi elihle liyayithokozisa.

ULwesihlanu, Septhemba 18, 2015

Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina.

ULwesine, Septhemba 17, 2015

Akuseyimi ophilayo, kepha uKristu uphila kimi; kodwa ukuphila engikuphilayo kalokhu enyameni ngikuphila ngokukholwa, okungukukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami.

ULwesithathu, Septhemba 16, 2015

Yebo, ubuhle beNkosi uNkulunkulu wethu abube phezu kwethu,
umise umsebenzi wezandla zethu phezu kwethu;
yebo, umsebenzi wezandla zethu uwumise.

ULwesibili, Septhemba 15, 2015

Inhliziyo yenu mayingakhathazeki. Kholwani nguNkulunkulu, nikholwe nayimi.

UMsombuluko, Septhemba 14, 2015

Ngokukuyala namuhla ukuba umthande uJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ngezindlela zakhe, ugcine imiyalo yakhe, nezimiso zakhe, nezahlulelo zakhe, ukuze uphile, wande, uJehova uNkulunkulu wakho akubusise ezweni ongena kulo ukulidla.

ISonto, Septhemba 13, 2015

Zithokozise ngoJehova,
yikhona ezakukunika okufiswa yinhliziyo yakho.

UMgqibelo, Septhemba 12, 2015

UMoya weNkosi uJehova uphezu kwami,
ngokuba uJehova ungigcobile
ukuba ngishumayele izindaba ezinhle
kwabathotshisiweyo;
ungithumele ukubopha abanhliziyo ezaphukileyo,
nokumemezela ukukhululwa kwabathunjwa
nokuvulelwa kweziboshwa itilongo.

ULwesihlanu, Septhemba 11, 2015

Mina ngingumvini, nina ningamagatsha; ohlala kimi, nami kuye, lowo uthela izithelo eziningi; ngokuba ngaphandle kwami ningenze lutho.

ULwesine, Septhemba 10, 2015

Ungakhandlekeli ukuceba;
kuyeke ngokuqonda kwakho.

ULwesithathu, Septhemba 9, 2015

Saphendula sathi: “Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo onke amandla akho, nangayo yonke ingqondo yakho, nomakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”

ULwesibili, Septhemba 8, 2015

Kanjalo-ke nokukholwa, uma kungenayo imisebenzi, kufile ngokwakho.

ISonto, Septhemba 6, 2015

Funani okuhle, hhayi okubi,
ukuze niphile,
abe nani uJehova uNkulunkulu Sebawoti kanjalo,
njengalokhu nisho.

UMgqibelo, Septhemba 5, 2015

Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kepha isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.

ULwesihlanu, Septhemba 4, 2015

Babusisiwe bonke abamesabayo uJehova,
abahamba ngezindlela zakhe.

ULwesine, Septhemba 3, 2015

Akakho othi esokhela isibani, asimboze ngesitsha nokuba asibeke phansi kombhede, kepha usifaka othini, ukuze abangenayo babone ukukhanya.

ULwesithathu, Septhemba 2, 2015

Njengezingane ezisand' ukuzalwa langazelelani ubisi olungokomoya olungenakonakala, ukuze nikhule ngalo kube ngukusindiswa.

ULwesibili, Septhemba 1, 2015

Kukhona amacebo amaningi enhliziyweni yomuntu,
kepha isiluleko sikaJehova siyakuma.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ithemba labalungileyo liyakuba yintokozo,
kepha abakwethembayo ababi kuyakubhubha.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Ngokuba uma uthando lukhona, kwamukeleka njengalokho umuntu anakho, kungenjengalokho angenakho.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela