DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Disemba 2019)

ULwesibili, Disemba 31, 2019

Ngifundise ukwenza intando yakho,
ngokuba wena unguNkulunkulu wami;
umoya wakho omuhle mawungihole emhlabathini olelezekileyo.

UMsombuluko, Disemba 30, 2019

Ngokuba osuka ethanda ukuphila
nokubona izinsuku ezinhle,
makanqande ulimi lwakhe kokubi,
nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso,
adede ebubini, enze okuhle,
afune ukuthula, akujonge.

ISonto, Disemba 29, 2019

Kepha yena onamandla okwenza okukhulu kakhulu kunakho konke esikucelayo nesikuqondayo ngokwamandla asebenza kithi, makube kuye udumo ebandleni nakuKristu Jesu ezizukulwaneni zonke zaphakade naphakade. Amen.

UMgqibelo, Disemba 28, 2019

Sibuyise, Jehova Nkulunkulu Sebawoti;
ukhanyise ubuso bakho,
khona siyakusindiswa.

ULwesihlanu, Disemba 27, 2019

Kepha uma ningathetheleli abantu iziphambeko zabo, noYihlo akayikunithethelela iziphambeko zenu.

ULwesine, Disemba 26, 2019

Uthando lukulokhu, kungesikho ukuthi thina samthanda uNkulunkulu, kepha ukuthi yena wasithanda thina, wathuma iNdodana yakhe ibe yinhlawulo ngezono zethu.

ULwesithathu, Disemba 25, 2019

Ngokuba sizalelwa umntwana,
siphiwa indodana;
umbuso uyakuba semahlombe akhe,
negama lakhe liyakuthiwa
uMluleki omangalisayo,
uNkulunkulu onamandla,
uYise ongunaphakade,
iNkosi yokuthula.

ULwesibili, Disemba 24, 2019

Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu,
nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye.

UMsombuluko, Disemba 23, 2019

Naye uJosefa wakhuphuka ephuma eGalile emzini waseNazaretha, waya eJudiya emzini kaDavide othiwa iBetlehema, ngokuba wayengowendlu nozalo lukaDavide, ukuyobalwa kanye noMariya owayemmiselwe ukuba abe ngumkakhe, ekhulelwe.

ISonto, Disemba 22, 2019

Ngokuba wena uyidwala lami nenqaba yami;
ngenxa yegama lakho uyakungihola,
ungiqondise.

UMgqibelo, Disemba 21, 2019

Ngalokho umkhulu, Nkosi Jehova, ngokuba akakho onjengawe, akukho uNkulunkulu ngaphandle kwakho njengakho konke esikuzwileyo ngezindlebe zethu.

ULwesihlanu, Disemba 20, 2019

Yilowo nalowo ophika iNdodana akanaye uYise; ovuma iNdodana unaye noYise.

ULwesine, Disemba 19, 2019

Kulugibe ukusho ngamawala ukuthi:
“Kungcwele,”
abesebuya acabange emva kwezithembiso zakhe.

ULwesithathu, Disemba 18, 2019

Ngokuthobeka konke nobumnene, ngokubheka kade nokubekezelelana ngothando.

ULwesibili, Disemba 17, 2019

Ngokuba kimina ukuphila kunguKristu, ukufa kuyinzuzo.

UMsombuluko, Disemba 16, 2019

Yizwani nibone ukuthi uJehova muhle;
ubusisiwe lowo muntu ophephela kuye.

ISonto, Disemba 15, 2019

Kunakho konke yibani nokuthandana okunganqamukiyo, ngokuba uthando lusibekela inqwaba yezono.

UMgqibelo, Disemba 14, 2019

Ningaqambelani amanga, lokhu nikhumule umuntu omdala kanye nezenzo zakhe, nembethe omusha, owenziwa musha abe nokwazi ngokomfanekiso walowo owamdalayo.

ULwesihlanu, Disemba 13, 2019

Dedisela kude nami okuyize namanga,
unganginiki ubumpofu nengcebo,
kepha ngiphe isinkwa engisimiselweyo.

ULwesine, Disemba 12, 2019

Manje-ke ulibalelani na? Sukuma, ubhapathizwe, uhlambulule izono zakho ngokukhuleka egameni lakhe.

ULwesithathu, Disemba 11, 2019

Kepha mngcweliseni uKristu abe yiNkosi ezinhliziyweni zenu, nihlale ningabalungele ukubaphendula bonke abanibuza isizathu sethemba elikini.

ULwesibili, Disemba 10, 2019

Nikela indlela yakho esandleni sikaJehova, umethembe;
yena uzakukwenza.
Uzakuhlalukisa ukulunga kwakho njengokukhanya,
nokufanele wena njengemini.

UMsombuluko, Disemba 9, 2019

Ngokuba iNkosi isiyalezile kanjalo ukuthi:
“ ‘Ngikubekile ube ngukukhanya kwabezizwe,
ube yinsindiso kuze kube semkhawulweni womhlaba.’ ”

ISonto, Disemba 8, 2019

Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika nhlangothi zombili, lihlaba kuze kwahlukaniswe umphefumulo nomoya, amalungu nomnkantsha, lahlulela imicabango nezizindlo zenhliziyo.

UMgqibelo, Disemba 7, 2019

UJehova useduze nabo bonke abambizayo,
bonke abambizayo ngeqiniso.

ULwesihlanu, Disemba 6, 2019

Ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu; balungisisiwe ngesihle ngomusa wakhe ngokuhlengwa okukuKristu Jesu.

ULwesine, Disemba 5, 2019

INkosi ininike ukwanda nokuchichima othandweni, omumye komunye nakubo bonke, njengokuba sinjalo kinina.

ULwesithathu, Disemba 4, 2019

Ukukhathazeka kwesiwula kuyaziwa ngosuku,
kepha oqondileyo uyasibekela ihlazo.

ULwesibili, Disemba 3, 2019

Nginilobele lokho, ukuze nazi ukuthi ninokuphila okuphakade nina enikholwa egameni leNdodana kaNkulunkulu.

UMsombuluko, Disemba 2, 2019

Yilowo nalowo kithi makathokozise umakhelwane, kube kuhle, aze akheke.

ISonto, Disemba 1, 2019

Ngezimpaphe zakhe uyakukusibekela,
uphephele phansi kwamaphiko akhe;
ukuthembeka kwakhe kuyisihlangu nehawu.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ungasiphi thina, Jehova,
ungasiphi thina,
kepha uliphe igama lakho inkazimulo
ngenxa yomusa wakho nangenxa yeqiniso lakho.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Vuka ukhanye,
ngokuba ukukhanya kwakho kuyeza;
inkazimulo kaJehova iphumela phezu kwakho.
Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela