DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Januwari 2020)

ULwesihlanu, Januwari 31, 2020

Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.

ULwesine, Januwari 30, 2020

Inhliziyo yomuntu iceba indlela,
kepha uJehova uyaqondisa izinyathelo zakhe.

ULwesithathu, Januwari 29, 2020

Woyithanda iNkosi, uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho, nangawo onke amandla akho.

ULwesibili, Januwari 28, 2020

Kepha ngithi kini: Amazwi onke ayize abawakhulumayo abantu bayakuzilanda ngawo ngosuku lokwahlulelwa.

UMsombuluko, Januwari 27, 2020

Nkulunkulu, dala kimi inhliziyo ehlanzekileyo,
uvuse umoya oqinileyo phakathi kwami.

ISonto, Januwari 26, 2020

E, Nkosi Jehova, bheka, wena wenzile izulu nomhlaba ngamandla akho amakhulu nangengalo yakho eyeluliweyo; akukho lutho olukwahlulayo.

UMgqibelo, Januwari 25, 2020

Niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe, ngokuba uyanikhathalela.

ULwesihlanu, Januwari 24, 2020

Njengasemanzini ubuso bubhekana nobuso,
injalo inhliziyo yomuntu kumuntu.

ULwesine, Januwari 23, 2020

Ngokuba kulotshiwe ukuthi:
“ ‘Kuphila kwami,’ isho iNkosi,
‘kimina ayakuguqa amadolo onke,
nezilimi zonke ziyakudumisa uNkulunkulu.’ ”

ULwesithathu, Januwari 22, 2020

Zamelani ukuthula nabo bonke kanye nokungcweliswa, ongenakho angeyibone iNkosi.

ULwesibili, Januwari 21, 2020

Kungakaveli izintaba,
ungakawenzi umhlaba nezwe,
kuthi kusukela phakade kuze kube phakade
wena Nkulunkulu ukhona.

UMsombuluko, Januwari 20, 2020

Nomuntu kasokheli isibani, asibeke phansi kwesitsha, kodwa usifaka othini; khona siyabakhanyisela bonke abasendlini. Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu ukuba babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.

ISonto, Januwari 19, 2020

Bafazi, thobelani amadoda enu njengokufanele eNkosini.
Madoda, thandani omkenu, ningabacasukeli.

UMgqibelo, Januwari 18, 2020

Ozuza ukuqonda uthanda umphefumulo wakhe;
ogcina ingqondo uyakufumana okuhle.

ULwesihlanu, Januwari 17, 2020

Ngokuba ukunaka kwenyama kungukufa, kepha ukunaka kukaMoya kungukuphila nokuthula.

ULwesine, Januwari 16, 2020

Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Kuze kudlule izulu nomhlaba, akusoze kwadlula gamana linye nasicashana sinye somthetho, kuze kufezeke konke.

ULwesithathu, Januwari 15, 2020

Ngizakucambalala ngokuthula,
ngilale ubuthongo,
ngokuba wena Jehova wedwa ungihlalisa ngokulondeka.

ULwesibili, Januwari 14, 2020

Niphulukise abagulayo abakuwo, nithi kubo: ‘Umbuso kaNkulunkulu usondele kini.’

UMsombuluko, Januwari 13, 2020

Nikhuthalele ukugcina ubunye bukaMoya ngesibopho sokuthula.

ISonto, Januwari 12, 2020

KuNkulunkulu ngiyakudumisa izwi lakhe;
ngithemba uNkulunkulu, angiyikwesaba;
inyama ingangenzani na?

UMgqibelo, Januwari 11, 2020

Yena uyinhlawulo ngezono zethu, kungengezethu zodwa kodwa nangezezwe lonke.

ULwesihlanu, Januwari 10, 2020

Nani boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.

ULwesine, Januwari 9, 2020

Izindebe zamanga ziyisinengiso kuJehova,
kepha abenza iqiniso bayintokozo yakhe.

ULwesithathu, Januwari 8, 2020

Kepha uNkulunkulu ecebile ngesihawu, ngenxa yothando lwakhe olukhulu asithanda ngalo, sesifile ngeziphambeko, wenza siphile kanye noKristu – kungomusa nisindisiwe.

ULwesibili, Januwari 7, 2020

Ngalokho yilowo nalowo owezwa lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala.

UMsombuluko, Januwari 6, 2020

Ngokuba uJehova uthanda ukulunga,
akabashiyi abangcwele bakhe;
bayalondolozwa kuze kube phakade,
kepha inzalo yababi iyachithwa.

ISonto, Januwari 5, 2020

Kepha uMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami uyakunifundisa konke, anikhumbuze konke enginitshele khona.

UMgqibelo, Januwari 4, 2020

Thwalisanani imithwalo yenu, nigcwalise kanjalo umthetho kaKristu.

ULwesihlanu, Januwari 3, 2020

Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha;
emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda.

ULwesine, Januwari 2, 2020

Ngakho-ke oweqa owodwa kule miyalo emincinyane, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa omncinyane embusweni wezulu; kepha oyigcinayo, ayifundise, lowo uyakuthiwa mkhulu embusweni wezulu.

ULwesithathu, Januwari 1, 2020

Qaphelani ukuba kungabikho ophindisela omunye okubi ngokubi; kepha jongani njalo ukwenza okuhle, omunye komunye nakubo bonke.

Amavesi eBhayibheli osuku

Wena uyakholwa ukuthi uNkulunkulu munye na? Wenza kahle; namademoni ayakholwa, athuthumele.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Ngokuba wena uzenzile izinso zami,
wangaluka esiswini sikamame.
Ngiyakukubonga,
ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo;
imisebenzi yakho iyamangalisa;
umphefumulo wami uyakwazi kahle.
Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela