DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Februwari 2020)

UMgqibelo, Februwari 29, 2020

Isibusiso sikaJehova siyacebisa;
akenezeli usizi kuso.

ULwesihlanu, Februwari 28, 2020

Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi owakhe entabeni ungesitheke.

ULwesine, Februwari 27, 2020

Kepha isithelo sokulunga sihlwanyelwa ngokuthula kubo abakwenzayo ukuthula.

ULwesithathu, Februwari 26, 2020

Indlu nemfuyo kuyifa elivela koyise,
kepha umfazi ohlakaniphileyo uvela kuJehova.

ULwesibili, Februwari 25, 2020

Bazithobe abantu bami ababizwa ngegama lami, bakhuleke, bafune ubuso bami, baphenduke ezindleleni zabo ezimbi, ngiyakuzwa ezulwini, ngithethelele isono sabo, ngiphilise izwe labo.

UMsombuluko, Februwari 24, 2020

INkosi inguye uMoya; kepha lapho uMoya weNkosi ekhona, kukhona inkululeko.

ISonto, Februwari 23, 2020

Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeziluleko zababi,
ongemi endleleni yezoni,
ongahlali enkundleni yabaklolodayo.

UMgqibelo, Februwari 22, 2020

Ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele, nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube sekupheleni kwezwe.

ULwesihlanu, Februwari 21, 2020

Yebo, lo myalo sinawo, uvela kuNkulunkulu, wokuthi othanda uNkulunkulu makathande nomzalwane wakhe.

ULwesine, Februwari 20, 2020

Wonke umshikashika unenzuzo,
kepha amazwi omlomo abanga ukuswela kuphela.

ULwesithathu, Februwari 19, 2020

Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani nonke.
Amen.

ULwesibili, Februwari 18, 2020

Kepha uma umfowenu ekona, hamba umsole ninodwa naye. Uma ekuzwa, woba umzuzile umfowenu.

UMsombuluko, Februwari 17, 2020

Ngilondoloze, Nkulunkulu,
ngokuba ngiyaphephela kuwe.

ISonto, Februwari 16, 2020

Woyigcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe, umesabe.

UMgqibelo, Februwari 15, 2020

Kepha ukuphela kwezinto zonke sekusondele. Ngakho zikhuzeni, nizithibe, ukuze nikhuleke.

ULwesihlanu, Februwari 14, 2020

Ngifake njengophawu enhliziyweni yakho,
njengophawu engalweni yakho,
ngokuba uthando lunamandla njengokufa;
isikhwele silukhuni njengendawo yabafileyo;
amalangabi alo angamalangabi omlilo,
ilangabi likaJehova.

ULwesine, Februwari 13, 2020

Kodwa nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube sekugcineni komhlaba.

ULwesithathu, Februwari 12, 2020

Kepha mina ngithi kini: Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizingelayo.

ULwesibili, Februwari 11, 2020

Ungakhandlekeli ukuceba;
kuyeke ngokuqonda kwakho.

UMsombuluko, Februwari 10, 2020

Kepha thina sonke esibuka ngobuso obambuliwe inkazimulo yeNkosi njengasesibukweni siyaguqulwa, sibe njengalowo mfanekiso ngokuya enkazimulweni, njengalokhu kumi ngeNkosi enguMoya.

ISonto, Februwari 9, 2020

Bheka, nginguJehova uNkulunkulu wenyama yonke, kukhona okungahlulayo na?

UMgqibelo, Februwari 8, 2020

Ngakhala kuye ngomlomo wami;
ukudumisa kwakuphansi kolimi lwami.

ULwesihlanu, Februwari 7, 2020

Kepha noma nihlupheka ngenxa yokulunga, nibusisiwe. Ningesabi ukwesabisa kwabo, ningakhathazeki.

ULwesithathu, Februwari 5, 2020

Ukuzidla komuntu kuyamthobisa,
kepha onomoya othobekileyo uyazuza udumo.

ULwesibili, Februwari 4, 2020

Ngalokho uJehova uyakulindela
ukuba abe nomusa kini;
nangalokhu uyakuphakama ukuba abe nesihe kini,
ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwahlulela;
babusisiwe bonke abamhlalelayo.

UMsombuluko, Februwari 3, 2020

Madoda, thandani omkenu, njengalokho noKristu ulithandile ibandla, wazinikela ngenxa yalo ukuba alingcwelise, alihlambulule ngesigezo samanzi ngezwi.

ISonto, Februwari 2, 2020

Ngokuba izwi likaJehova lilungile;
zonke izenzo zakhe ziyakholeka.

UMgqibelo, Februwari 1, 2020

Qinani, nime isibindi, ningesabi, ningashaywa luvalo ngabo, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho nguyena ohamba nawe; akayikukuyeka, akushiye.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuba samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Sithandwa, kunakho konke ngikufisela ukuba ube nenhlanhla nokuphila, njengokuba umphefumulo wakho unenhlanhla.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela