DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Okthoba 2019)

ULwesine, Okthoba 31, 2019

Ukuze ezintweni zonke nicetshiswe kukho ukuphana konke okuveza ngathi ukubonga uNkulunkulu.

ULwesithathu, Okthoba 30, 2019

Ngakho-ke uma iNdodana inikhulula, niyakuba ngabakhululekileyo impela.

ULwesibili, Okthoba 29, 2019

Izinyathelo zomuntu ziqiniswa nguJehova;
uyayithanda indlela yakhe.

UMsombuluko, Okthoba 28, 2019

Angiyikunishiya niyizintandane; ngiyeza kini.

ISonto, Okthoba 27, 2019

Ngokuba kuyakumsizani umuntu ukuzuza izwe lonke, alahlekelwe ngukuphila kwakhe, na?

UMgqibelo, Okthoba 26, 2019

Uyakungazisa indlela yokuphila;
ukugcwala kwenjabulo kusebusweni bakho;
intokozo isesandleni sakho sokunene kuze kube phakade.

ULwesihlanu, Okthoba 25, 2019

Usithethelele amacala ethu,
njengalokhu nathi sibathethelela
abanecala kithi.

ULwesine, Okthoba 24, 2019

UJehova uNkulunkulu wethu makabe nathi njengalokho ayenawobaba; makangasishiyi, angasilahli.

ULwesithathu, Okthoba 23, 2019

UJehova ungakimi, angiyikwesaba;
umuntu angangenzani na?

ULwesibili, Okthoba 22, 2019

Babusisiwe abazingelwa ngenxa yokulunga,
ngokuba umbuso wezulu ungowabo.

UMsombuluko, Okthoba 21, 2019

Kepha iNkosi yokuthula uqobo mayiniphe ukuthula ngezikhathi zonke nangezindlela zonke. INkosi mayibe nani nonke.

ISonto, Okthoba 20, 2019

Ufakazi oqinisileyo akaqambi amanga,
kepha ufakazi ongaqinisile uyaphafuza amanga.

UMgqibelo, Okthoba 19, 2019

Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni; ngokuba esevivinyekile uyakwamukeliswa umqhele wokuphila othenjisiwe yiNkosi kwabayithandayo.

ULwesihlanu, Okthoba 18, 2019

Utshani buyabuna,
imbali iyavuthuluka,
kepha izwi likaNkulunkulu wethu
limi kuze kube phakade.

ULwesine, Okthoba 17, 2019

Inhliziyo eyenamileyo iyikhambi elihle,
kepha umoya owaphukileyo uyomisa amathambo.

ULwesithathu, Okthoba 16, 2019

Ithemba alijabhisi, ngokuba uthando lukaNkulunkulu lutheliwe ezinhliziyweni zethu ngoMoya oNgcwele esimuphiweyo.

ULwesibili, Okthoba 15, 2019

Yazisa uyihlo nonyoko, ukuze izinsuku zakho zibe zinde ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.

UMsombuluko, Okthoba 14, 2019

Wena unginikile isihlangu sensindiso yakho,
isandla sakho sokunene singisekele,
nobumnene bakho bungikhulisile.
Amabanga okunyathela kwami uwandisile;
amaqakala ami awaxegi.

ISonto, Okthoba 13, 2019

Kepha uNkulunkulu wokubekezela nowenduduzo makaniphe nibe nokuqonda kunye phakathi kwenu ngokukaKristu Jesu.

UMgqibelo, Okthoba 12, 2019

Kepha kunjengokuba kulotshiwe ukuthi:
“Lokho iso elingakubonanga,
nendlebe engakuzwanga,
okungavelanga enhliziyweni yamuntu,
uNkulunkulu akulungisela abamthandayo.”

ULwesihlanu, Okthoba 11, 2019

Nakuba umuntu ahlula oyedwa,
ababili bayakuma phambi kwakhe,
nentambo emicu mithathu ayisheshi ukugqashuka.

ULwesine, Okthoba 10, 2019

“Ngokuba imicabango yami
ayisiyo imicabango yenu,
nezindlela zenu
azisizo izindlela zami,” usho uJehova.

ULwesithathu, Okthoba 9, 2019

Anifikelwanga ukulingwa okungenjengokwabantu; kepha uNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu, kepha oyakuthi kanye nokulingwa anenzele indlela yokuphepha, nize nibe namandla okukuthwala.

ULwesibili, Okthoba 8, 2019

Okuncane kanye nokulunga kungcono
kunenzuzo enkulu kanye nokungalungi.

UMsombuluko, Okthoba 7, 2019

Mawube kini lowo mqondo owawukhona nakuKristu Jesu.

ISonto, Okthoba 6, 2019

Ngiyakholwa ukuthi nakufa, nakuphila, nazingelosi, nababusi, nakho okukhona, nakho okuzayo, namandla, nakuphakama, nakujula, nanto enye edaliweyo akuyikuba namandla okusahlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu iNkosi yethu.

UMgqibelo, Okthoba 5, 2019

Lindela uJehova, uqine,
inhliziyo yakho ime isibindi;
yebo, lindela uJehova.

ULwesihlanu, Okthoba 4, 2019

Nakho konke okudaliweyo okusezulwini, nokusemhlabeni, naphansi komhlaba, naselwandle, nakho konke okukukho, ngakuzwa kuthi:
“Kuyena ohlezi esihlalweni sobukhosi nakulo iWundlu makube yisibusiso,
nodumo, nenkazimulo, namandla kuze kube phakade naphakade.”

ULwesine, Okthoba 3, 2019

Ngakho ngenamile ebuthakathakeni, nasekuphathweni kabi, nasekusweleni, nasekuzingelweni, nasekubandezekeni ngenxa kaKristu, ngokuba uma ngibuthakathaka, yikhona nginamandla.

ULwesithathu, Okthoba 2, 2019

Nabalaziyo igama lakho bayakwethemba wena;
ngokuba wena Jehova awubashiyi abakufunayo.

ULwesibili, Okthoba 1, 2019

Ngakho lahlani yonke insila nokubi okuvamileyo, namukele ngomoya omnene izwi elitshaliweyo elinamandla okusindisa imiphefumulo yenu.

Amavesi eBhayibheli osuku

Bhekani, uyeza namafu, namehlo onke ayakumbona, nabo abamgwazayo, nezizwe zonke zomhlaba ziyakulila ngaye. Yebo, Amen.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Kepha kanazi yini ukuthi abangalungile abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu na? Ningadukiswa. Nazifebe, nabakhonza isithombe, naziphingi, nazihlobongi, nabesilisa abalalanayo, namasela, nabahahayo, nazidakwa, nazithuki, nabaphangi abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela